INDODA eneminyaka engu-44, igwetshwe udilikajele emva kokuba ilahlwe icala lokudlwengula isingandoddakazi (stepdaughter), iphindelela. Le ndoda igwetshwe iNkantolo yesiFunda, eMadadeni , ngelendlule emva kokuba ilahlwe ilo leli cala lokdlwengula isingandodakazi eminyakeni eminingi eyandlula. Kuvelile kulenkantolo esibalulwe ngenhla ukuthi lomlisa waqala ukudlwengula lengane iseneminyaka engu-8, kusukela ngonyaka u-2013 kuya ku-2017. Kuphinde kwavela ukuthi lomlisa ubegila lomkhuba uma engekho umama walengane kanye nezinye izingane.Ngokusho kokhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA), KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, kwavela ngo-2017, ukuthi ingane ibedlwengula ngoba yabe isihluleka ukulawula umchamo uvele udedeleke, okwathi uma beyibuza othisha yavele yakhuluma iqiniso. Uthe kwabe sekubizwa umzali wengane emva kokuba ihlulekile ukulawula umchamo, yabe isithathwa iyiswa eThuthuzela Care Centre ukuba kuyobhekwa ukuthi konakalephi, iphinde isiwe kwalabo abazoyisiza ngokuyiluleka ngokwenqondo. “ Ngenkathi ifika kulesikhungo kwaqinisekiswa ukuthi ngempela ingane yabe inukubeziwe, kwabe sekuvulwa icala wabe eseboshwa kanjalo lo baba ongananembeza. UMshushisi woMbuso uMnu Zwelisha Petros Mhlophe, osebenza eNkantolo yesiFunda eMadadeni nguyena obethula ubufakazi esikhundleni sengane enkantolo. Uthe emva kokuba lengane yagilwa yabe ingasakwazi ngisho nokulala ebusuku futhi yatheleleka nagezifo ezahlukahlukene. “ Lokhu kuphinde kwayihlukumeza kakhulu lengane emphefumulweni,” kuqhuba uMnu Ngubane. Ulandise inkantolo wathi lona bekufuneka ngabe uyayivikela lengane ngoba izalwa ngunlosikazi wakhe kodwa yena uyayidlwengula. Lo mlisa ube esegwetshwa udilikajele, kanti negama lakhe libe selifakwa kwi-National Register for sex Offenders, kwaphinde kwathiwa empilweni yakhe yonke akumele asebenze lapho kunezingane khona ngoba uyingozi. Kanti umnyango wezokushushusa usishayele ihlombe lesigwebo, wathi sithumela umlayezo kulabo abasafuna ukugila lomkhuba ofana nalona ukuthi bazothola izigwebo ezinqala.