UDILIKAJELE , neminyaka engu-24, umuntu ngamunye emva kokuba belahlwe amacala okubalwa kulo elokubulala, elokuzama ukubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nelokuthumba. I-Nkantolo ePhakeme yasePietermaritzburg, igwebe uLindani Hlongwa, Fanele Dlomo kanye noMlungisi Baxter, udilikajele umuntu ngamunye neminyaka engu-24, ilenkantolo esibalulwe ngenhla mhlaka 21 October 2023, emva kokuba belahlwe amacala elokubulala, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nelokuthumba.
Kuvelile ukuthi ngonyaka ondlule July 2022, kwavulwa icala lokubulala , elokuzama ukubulala , ukubamba inkunzi kanye nelokuthumba owokufika wase-Gibhithe , esiteshini sane-Greytown. Lona owavula icala, wabika ukuthi umfowabo wadutshulwa wabulawa wabe eselahla ehlathini eceleni komgwaqo ongu-R74, phakathi kwe-Greytown kanye ne Kranskop. Okhulumela amaphoyisa aseDundee uConst Siyabonga Nkwanyana uthe , kwabe sekukhandwa noma kwakhiwa ithimba eliyisipesheli, elali zothungatha abasolwa, emva kokutholakala kwesidumbu sinamanxeba okudutshulwa. “ Icala labe selindluliselwa kumphenyi wecala onesipiliyoni emacaleni anjena uConst Sibiya wase Greytown,” esho. Uqhube wathi esitatimendeni kwabe sekuzwakala ukuthi kunemoto ehlathini egagulwe, noma eyafaniswa, njengeyayihamba bona abasolwa. “ Ngokombiko womfowabo kamufi, yena nomfowabo ongasekho babe sendleleni elibangise e-Gugulethu, ngenkathi bemiswa abasolwa abathathu ababehlome ngesibhamu , babakhomba ngaso, babaphoqa ukuba bangene ebhuthini, babe sebeshaya bechitha nabo, balibhekisa kulomgwaqo osubalulwe ngenhla u-R74, ngasejikeni elibheke kwaGubevu,” esho. Kuphinde kwavela ukuthi kwathi uma befika ehlathini babadiliza base beqala bedubula umfowabo, wabe yena esekhona ukubamba isibhamu ngenkathi bedonsisana ngaso kwadubuleka umsolwa oyedwa. Uqhube wathi umsolwa oyedwa wabe ephethe umese, wabe esegwaza ummangali ethangeni, kodwa ummangali wakhona ukubaleka , waze wafika emgwaqeni. “ Uphenyo lwabe seluyaqala , kwathi uConst Sibiya nethimba lakhe baqala bathungatha abasolwa, ezibhedlela nasemtholampilo, ngenhlanhla oyedwa watholakala esibhedlela i-Ntunjambili, wabe esendluliselwa esibhedlela sase-Stanger. Kwabe sekuyatholakala ngowaluma amaphoyisa indlebe ukuthi uLindani Hlongwa, uyahlobana naleli cala, wabe esekhalelwa ngama Songo ka S’Gonyela. Ngokusizwa ngamaphoyisa i-Ci, abasolwa ababili batholakala endaweni ebizwa ngokuthi i-Makhabeleni khona eKranskop, babe sebeyaboshwa. Emava kokuba abasolwa beboshiwe bavela enkantolo izikhathi eziningi kodwa benqatshelwa ibheyili, ngoba kwavela ukuthi bayingozi emphakathini. Bahlale ngaphakathi aze abalahla lamacala abebe bhekane nawo. Kwelokubulala bagwetshwe udilikajele umuntu ngamunye, elokuzama ukubulala kwaba iminyaka engu-15, elokubamba inkunzi kuhlonyiwe engu-5, kanti elokuthumba iminyaka emine. UKhomishana wesiFunda u-Maj-Gen Slambert usishayele ihlombe lesigwebo esinikwe abasolwa wathi siyisifundo sokuthi nabanye babone ukuthi uma besafisa ukugila umkhuba ofana nalona bazochitha impilo yabo yonke ejele. Uthe laba bafanele ukususwa emiphakathini unomphela.