UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal , uNksz Mbali Frazer, uthi bewuMnyango sebekulungele ukubhalisa izivivinyi zokuphela konyaka zikamatikuletsheni kulonyaka ophezulu! Uthe isiFundazwe i-KwaZulu-Natal, inezindawo noma izikhungo ezingu 1 697 sokubhalisela umatikuletsheni abafundi, ezezikole zomphakathi bese kuba ezingu-74 izikhungo ezizimele zokubhalisela umatikuletsheni. Ukusho lokhu ngemuva kwamaholidi entwasahlobo (Spring holiday), abengeviki elendlule lapho ebalule ukuthi nakuba abanye abafundi namathishela bebehlezi emakhaya bephumule, kodwa abanye bebe matasatasa becija abantwana , bebukeza nabo, bebukezela izivivinyo zokuphela konyaka ,okubhekwe ukuthi ziqale mhlaka 30 October 2023. Uthe ufisela abafundi abazifisela kona, ukuba benze kahle ezifundweni zabo. Ngokusho kokhulumela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mhlambi, uNgqongqoshe uNksz Frazer ufisa ukuthi isifundazwe zingaphasa ngamaphesenti asukela ku-85% kuya ku-100% ,ngendlela abasebenze ngokuzikhandla ngayo belekelela abafundi ngokubasa emakhempini ukuze bacijeke kahle. Uqhube wathi isiFundazwe i-KwaZulu-Natal sinabafundi abangu -170 637 abafunda ngokugcwele bese kuthi abangu-23 338, bafunda ngasese nabo okulindeleke ukuthi maziqala lezivivinyo zokuphela konyaka babhale. “Sifisa ukwenza kangcono kakhulu kulonyaka ngoba nyakenye sasithole amaphesenti angu-83, yingakho kulonyaka sizimisele ngokuthola amaphesenis angu-85 kuya phezulu. UNgqongqoshe uFrazer ube esefisela abafundi impumelelo ekubhalweni kwezivivinyo zabo zokuphela konyaka.