I-HOLLYWOOD Foundation inikele ngesamba esingu-R10million sokuphucula i-KZN Children’s Hospital for Adolescent Mental Health. Lokhu kwenzeka mhlaka 10 October ngenkathi kugutshwa usuku lwabagula ngokomqonda umhlaba wonke. Kuvelile ukuthi inhlangano yokugembula i-Hollywood Foundation yelule isandla yanikela ngalesamba esesidalulwe ngenhla ngenhloso yokuphucula lesibhedlela kanye nabangeniswe kuso. Ngokusho kokhulumela lenhlanhgano esibalulwe ngenhla uNksz Vuyisile Ngobese, lemali izolungisa lesibhedlela ngenhloso yokuphucula lesibhedlela esinemibhede engu-15 yabagula ngokomqondo, ukuze nabo bahlangabezane neziding zabo bangacwaseki futhi. Lokugujwa kwalolusuku kukhumbuza futhi kuxwayisa abantu ukuthi babahloniphe abaphila nalesifo ngoba nabo bangabantu. Uqhube wathi lolu suku lugujwa umhlaba wonke ngoba emhlabeni jikelele uyabathola abantu abaphila nalesifo. Uthe lokuphuculwa kwesibhedlela i-KZN Children’s Hospital, kuthatha igxathu elikhulu ekubhekaneni nalesifo ebesibukelwa phansi phambilini futhi singanakiwe, futhi nabaphila naso ikakhulukazi intsha inganakiwe. Lewadi entsha eyakhelwe laba abaphila nalesifo eyakhelwa laba abanalesifo , yenzelwe ukuba ihlangabezane nezidingo kanye nezinselelo ezibhekana namantombazanyana asemancane ahaqwe yilesifo, ukuze alulame kahle uma elashelwa lesifo. U-Taryn Millar, ongu-Chief Executive Officer ku-KZN Children’s Hospital Trust, undlulise amazwi okujabula ngesenzo salenhlangano esibalulwe ngenhla, sokuphosa esivivaneni.
Uthe KwaZulu-Natal, kukhona abantwana abangu-10 abanalesifo kanye nentsha enemibhede. Uthe ngokuphuculwa kwaleliwadi manje sebeyaqinisekisa ukuthi sebengabagcina abantwana abangu-15 abaphila nalesifo. Uthe sibonga kakhulu kwi-Hollywood Foundation ngesenzo esihle sokunakelela abahlwempu ikakhulkazi laba abagula ngokomqondo. “Uthe ukubambisana nalenhlangano kuthele izithelo ezinhle. Okhulumela i-Hollywood Foundation, uNksz Vuyisile Ngobese uthe bona njengenhlangano bayanakelela, futhi ikakhulukazi kulaba abanganakwe umuntu abaphila nokukhubazeka kokugula ngokomqondo. Uthe wonke umuntu kubalulekile ukuthi athole ukunakelelwa ngokwezempilo okusezingeni eliphezulu kunganakwa ukuthi yena ukhubazekile ngokomqondo.