UMKHANDLU wesiFunda Amajuba ubambisane nomnyango i-Trade and Investment yaKwaZulu-Natal, babhizi bahambela lesiFunda Amajuba ngenhloso yokukhulisa umnotho kanye nokuthuthukisa osomabhizinisi abancane ikakhulukazi abesifazane. Lomnyango i-Itrade and Investment KwaZulu-Natal (TIKZN), ibhizi ihambela izindawo ngaphansi kwalesifunda ngenhloso yokukhulisa osomabhizinisi abancane kanye nokuheha osomabhizinisi abasha nabasafufusa. Loluhlelo lwethulwe okokuqala eBlue Ridge mhlaka 29 August 2024 lapho bekumenywe khona izinhlaka eziningi okubalwa kuzo ezokuthuthukiswa komnotho ukulekelela osomabhizinisi abancane ukuze babhekane nezinqinamba kanye nezinselelo ababhekene nazo.Kuvelile ukuthi enye inhloso nqangi yalomhlangane bekuwukubheka ukuthi lemithetho evimba ukuthi osomabhizinisi bathuthuke ilungiswa kanjani , kuphinde kutshalwe isiko lokuthi amabizinisi amukeleke futhi ache nobuhlobo nobungani, akhule aphinde akwazi ukuzimela kwezomnotho angafiphali. UMeya wesiFunda Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu ugqugquzele , waphinda wagcizelela ukuthi amabhizinisi kumele asebenze ngokubambisana, futhi kumele kekuvulwa nesitolo esizomukela wonke umuntu esigcemeni saseNewcastle lapho kuzohlangana khona osomabhizinisi kanye nawo wonke umuntu onesifiso sokuba ngusomabhizinisi kugwenye ukuvimbela abantu ukuba bangakhulu kwezomnotho. Lezimbizo ezibizwayo zisuke zihanjelwe ngoncweti abaningi abaqhamuka emikhakheni eyahlukahlukene kwezamabizinisi ukuze bazocobelela labo somabhizinisi abasafufusa ngolwazi oluzobasiza ekugcineni amabhizinisi abo ephila futhi ekhula. Uqhube wathi lezincweti bekukhona kuzo uMnu Johan Pieters weKZN Newcastle Gowth Coalition, Andile Mnguni , weDube Trade port, Zamani Mbatha KZN Growth Fund, Ndumiso Mlambo we-TIKZN kanye no Thubelihle Buthelezi , we -Amajuba District Head Development and Planning, abebenezinxoxo mpukiswano. Lembizo kuvelile iphele isezingeni eliphezulu kanti abanye osomabhizinisi bebebonisa ngomsebenzi wabo ukuze nabo bathuthukiswe futhi baziwe nokuthi banahloboluni lwamabhizinisi. Baphethe ngokuthi Amajuba ahlose kakhulu ukuvulela osomabhizinisi amathuba ikakhulukazi laba abavalelwe ngaphandle , baphinde babalekelele ngezinsiza ukuba bakhule.