KHONA abakhuluma kabi ngesikole sethi , bathi azikhishwe izingane ngoba akufundiswa! Lamazwi ashiwo nguthishanhloko wesikole samabanga aphansi uNkk N.R Nala, ngenkathi bekuklonyeliswa abafundi abenze kahle ngezitifiketi Kanye nezindondo. “Kunelunga lomphakathi elihambele imindeni , lihambe litshela abazali bakulendawo yaseMfundweni ukuthi abakhiphe izingane zabo kulesikole iKhiphokuhle Primary School , ngoba akufundiswa kulesikole esesibaluliwe.,”kusho uNkk Nala, eqhuba ethi minyaka yonke ngamaholidi , leli lunga lomphakathi lihambe likhuluma kabi ngesikole sethu. Uthe izingane eziphuma kulesikole zenza kahle kakhulu ezikoleni zamabanga aphezulu, futhi iningi lazo lisemanyuvesi. Uthe uma ninganeliseki ngothusha wozani nizobika izinkinga zenu esikolweni, ngoba nezingane siyanikezwa umsebenzi wasemakhaya kodwa sibuye zingawenzile. Umnyango wehhovisi lami uhlale uvuliwe. Uthe asiqhubekeni sisebenzisana namathishela ngoba lento ifana nebhodwe lesizulu, kuba umzali, ingane Kanye namathishela kumele kusetshenziswane. “Ngiyaninxusa ukuthi ningakhiphi izingane zenu esikolweni, ngiyanibonga