KUSALE abawu-6 enkundleni ngenkathi betholene phezulu ngenganono ezigamekweni ezimbili ezahlukene. Kuvelile ukuthi mhlaka 16 May 2024, ekuseni amaphoyisa adubule abulala abasolwa abawu-6 ezigamekweni ezimbili ezahlukene,KwaZulu-Natal. Kuphinde kwavela ukuthi esigamekweni sokuqala amaphoyisa adubule abulala abasolwa abane endaweni yase Camperdown , abebesolwa ngokuba ngonqondonqondo ekudunweni kwezimoto zemali. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal, uBrig- Jay Naicker, uthe amathimba amaphoyisa abehambisana noKlebe (HAWKS), alunywe indlebe ngalabasolwa abebefunwa ukhasha ngokubamba inkunzi behlomile izimoto zemali, abe esegasela lapho abaolwa bebekhona okuthe uma ememezela ukuthi asefikile, abasolwa azange bachithe isikhathi babe sebedubula ngoyaba lwezinhlamvu bebhekise emaphoyiseni nawo abe esephendula ngenganono, kwasala abasolwa abanye enkundleni, athola izibhamu eziwu-3. Uqhube wathi kwesinye isigameko esingahlobene nalesi amaphoyisa oPhiko lwe-National Intervention Unit, nawo alandele umkhondo ngabasolwa ababili abebesabisa abantu, bashushumbise ,baphinde babe namacala awuxhaxha odlame. Uthe ngenkathi amaphoyisa efika lapho bekucashe khona abasolwa ehositela yase Klaarwater,emarrianhill, abasolwa ababili bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni nawo aphendula ngenganono kwasala phansi bona labasolwa ababili abebefunwa ukhasha ngalamacala , kwabe sekushaqwa izibhamu ezimbili. Uphethe ngokuthi amaphoyisa aKwaZulu-Natal, azibophezele ekuvikeleni ubugebengu, ukuphenya amacala kanye nokubopha izigilamkhuba, kanti nabantu abadubula amaphoyisa uma ezokwenza umsebenzi wabo ngeke babekezelelwe , futhi lokho kuyawaphoqa ukuba azivikele nawo aphendule ngenganono uma izigebengu zibeka izimpilo zawo encupheni.