NGUNDUNANKULU esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli.
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ebambisene noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, sebebize umhlangano ophuthumayo wezimenenja nezimeya zomasipala abangu-54 bakulesi sifundazwe ngenhloso yokuzodingida udaba lwezipaza zabokufika abadayisa ukudla okungombombayi nosekuhanjelwe sikhathi.
Lo mhlangano ophuthumayo unamuhla ngoLwesihlanu, futhi uyaqhubeka ,eDurban ICC, eThekwini.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNtuli uthe: “Ngeke sithule sibukele kudayiswa ukudla okungombombayi nosekuhanjelwe yisikhathi okubeka izimpilo zezakhamizi zakuleli encupheni njengoba seziningi izingane esezidlulile emhlabeni ngenxa yalokhu kudla okunobuthi.
“Omasipala bezifunda kumele bakuqinisekise ukuthi ukudla kuyahlolwa ngoba banawo ama Environmental Health Practitioners okungumsebenzi wawo ukuhlola ukudla nenhlanzeko ezindaweni lapho kukhiqizwa kuphinde kudayiswe khona ukudla,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi laba ababhekelele ukuhlolwa ukudla kumele bakuhlole bakuhlolisise, ukuze kugwemeke ukugula nokushona kwabantu abasuke sebedle ukudla okunobuthi.
Kubikwa ukuthi kulo mhlangano uNtuli uzobe ekhuluma kabanzi ngemithethomgomo (municipal by-laws) elawula ukusebenza kwezi-paza egazethiwe (gazetted) nguhulumeni kazwelonke.
“Le mithetho mgomo kuhloswe ngayo ukulekelela nokukhuliswa komnotho kosomabhizinisi abancane, kuphinde kuvulwe namathuba omsebenzi.
Lo mhlangano uzolekelela kakhulu ngoba kumele uqhamuke nesisombululo sokuthi kungalwisana kanjani noma kungaqedwa kanjani ukudayiswa kokudla okungombombayi osekudlule nezimpilo zabantu kwagulisa nabaningi.”
Uphethe ngokuthi kumele izipaza ziphathwe ngabantu bakuleli futhi kudingeka ukuthi balekelelwe baxhaswe ukuze izi-paza zabo zingawi.