UMASIPALA waseNewcastle, usigxeke kakhulu isenzo sabasebenzi abagoxa utshwala emsebenzini. Lokhu kulandelwa ukuthi kuvele izisebenzi zalomasipala zigoxa utshwala ngesikhathi somsebenzi ngelendlule. Kuvelile ukuthi izithombe zalabasebenzi zivele ezinkundleni zokuxhumana bebhizi bephuza utshwala ngesikhathi somsebenzi. UMenenja waloMasipala uMnu Zamokwakhe Wesley Mcineka , usigxeke kakhulu lesisenzo sabasebenzi sokuphuza utshwala ngesikhathi somsebenzi. Uthe lokuziphatha kwabasebenzi akwamukelekile futhi kuthunaza isithunzi sikamasipala kanye nezinye zabanye abasebenzi.. “ Lokhu kuayaphoxa futhi kudicilela isithunzi sikamasipala,” esho. Uqhube wathi lesisenzo singukuphula imithetho migomo kamasipala , kuphinde kwephule nemigomo elawula ukuziphatha kwabasebenzi. Uthe lokhu kuphinde kulethe nokuzethemba zezakhamuzi kubasebenzi bakamasipala ngendlela abaziphathe ngayo. “ Ngithanda ukwazisa ukuthi thina njengomasipala loludaba siluthathela phezulu, kanti nophenyo lwethu luyaqhubeka ukulandelela lezinsolo, ukuze bonke laba abathintekayo bathathelwe izinyathelo ezinqala. Uthe ucela noma ngubani ongaba nolunye ulwazi ngalesigameko ukuba aphumele obala alulethe. “ Sifisa bonke abanolwazi ukuba beze ngaphambili ukuze silusebenze lolu daba ngendlela eyiyo,” kusho uMnu Mcineka. Uthe thina njengomasipala sizibophezele ukuba sihambise izidingo kwizakhamuzi, ngesizotha kanye nesithunzi. Kuphinde kwavela ukuthi abantu abaningi baphawulile emva kokuba uMnu Mcineka ekhiphe lesitatimende. “ Omunye uthe umasipala usheshile ukuphawula ngalolu daba kodwa ukhohlwa into eyodwa yokunaka lemigodigodi egcwele emigwaqeni yakulomasipala. “ Kungani abasebenzi bangasukumeli phezulu balungise imigwaqo enemigodi godi,” kusho isakhamuzi. Nomunye uqhube wathi sisheshile ukuphuma lesitatimende, engabe basebenza ngokushesha bafeze iziding zomphakathi, ukuze baphucule izimpilo zezakhamuzi. “ Siyakwazi ukuthi abasebenzi bahlale benza nje bakhohlwe ngumsebenzi wabo, nezithombe ziyinkomba yokungawukhathaleli umphakathi. Uphethe ngokuthi lesi senzo sizoshabalaliswa.