AMAPHOYISA ase-Ezakheni aphenya icala lokudubula kubulawe owesilisa oneminyaka ewu-49, Ezakheni,eLadysmith, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Lokhu kulandelwa ukuthi kudutshulwe kubulawe uThulani Kubheka oneminyaka ewu-49, ebusuku endlini yakhe. Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa uKubheka udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu, ekhanda, esiswini kanye naseqolo. Amaphoyisa athi mbangela yokudutshulwa kubulawe uKubheka ayikaziwa. Athe akukaboshwa muntu kanti nophenyo lwawo luyaqhubeka. Kwesinye isigameko esingafuzile lesi, amaphoyisa aseLadysmith aphenya icala lokugwazwa kubulawe owesilisa, ngebhodlela. Kuvelile ukuthi isidumbu sikamufi satholwa ngumelusi wezinkomo eTsakane. Amaphoyisa athe umufi wabe egqoke ishethi elimnyama nokumhlophe, ibhulukwe eliwugawini eliluhlaza kanti ubengazigqokanga izicathulo ngenkathi etholakala. Imbangela yokuba abulawe ayikaziwa kanti uphenyo lwamaphoyisa. Amaphoyisa anxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nalezigameko ukuba baxhumane nawo.