UKUZIBOPHEZELA kwe-Hollywood Foundation ekuthuthukiseni umdlalo we-cricket sekwenze yaphuma umkhankaso wokuhambisa izinsiza zalo mdlalo ezikoleni ezintulayo kusukela ngoLwesihlanu lukaNovemba 15.
I-Hollywood Foundation ihambisa lezi zinsiza ngoba ihlose ukukhiqiza izingwazi ze-cricket zakusasa nokuvumbulula amathalente entsheni.
Ongumxhumanisi weHollywood Foundation nomphakathi, uVuyisile Ngobese, uthe bazohambela izikole zasesiFundeni uMlazi (ngokohlelo loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal) ezintula izinsiza, lapho bezohambisa khona izinsiza zokuzilolonga nama-nethi ngenhloso yokuthuthukisa lo mdlalo nokuhlomisa abadlali abasebancane ngamakhono.
“Sihlose ukuthuthukisa umdlalo we-cricket entsheni, yingakho sixhasa ezikoleni, siphinde siqeqeshe abafundi. Sihlose ukuthi bakwazi ukuqhudelana nezinye izikole ezinazo zonke izinsiza zekhilikithi,” kusho uNgobese esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
Uthe kuzohanjelwa lezi zikole ezilandelayo: i-Lindelani Primary School ngoNovemba 15 ngoLwesihlanu ngo-10 ekuseni, uMzomuhle Primary School ngawo uLwesihlanu ngoNovemba 15 ngo-11 ekuseni.
NgoNovemba 19, ngo-10 ekuseni kuhanjelwe i-Zandile Primary School. Kuthi ngoNovemba 20 , ngo 10 ekuseni kuhanjelwe i-Sukuma Primary School, ngoNovemba 21 kuhanjelwe i-Thamela Primary School ngo-10 ekuseni.
“Lokhu kunikelelwa kwesinsiza kuzobe kuhanjelwe ngabadlali be-Hollywoodbets Dolphins. UHeinrich Strydom oyi-Chiefs Executive Officer yeDolphins, noDevin Heffer oyi-Brand and Communications Manager yayo iDolphins. Ngakho simema nabezindaba ukuba babe yingxenye yalokhu kuhanjiswa kwezinsiza kulezi zikole.”