LUTHELA izithelo uhlelo lokulwisana nezibhamu ezingekho emthethweni oluqhutshwa yi-National Intervention Operation Deployment ( NIU OD), ezobhekelela ukulwisana nobugebengu obuhleliwe ezinze kulesiFunda Umzinyathi , okuhloswe ngayo ukuba ikhuculule izibhamu ezingekho emthethweni ngaphambi kokhetho olubhekwe ngabanzi. Kuvelile ukuthi ngokulethwa kwalolu Phiko kuhloswe ngalo ukuba ukhetho lwakulesifunda esibalulwe ngenhla lube ngolunokuthula futhi lukhululeke luphinde luphephe. Kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-27, eboshwa iloluphiko oselubalulwe ngenhla lihambisana namaphoyisa ophiko lwe-Glencoe K9 kanye ne-Nquthu Detectives, emva kokuba etholwe nesibhamu esingekho emthethweni KwaNqulu,eNquthu. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana namhlanje mhlaka 21 May 2024 , amaphoyisa asebalulwe ngenhla agasele Kwanqulu , emva kokulunywa indlebe ngomsolwa obesolwa ngecala lokuzama ukubulala kanti futhi kuvelile ukuthi ubesehlele ukubalekela esifundeni saseGauteng. Uthe ngenkathi amaphoyisa egasela kulendawo abelunywe indlebe yokuthi umsolwa ofuna ngecala lokuzama ukubulala ukhona , afike amthola nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lweshot gun double barrel base bembopha khona lapho. Ube eseyogcinwa ezitokisini zasesiteshini samaphoyisa aseNquthu, kanti isibhamu sizohamba siyohlolwa ukuthi asikaze yini simbandakanyeke ezenzweni zobugebengu. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka. Uzovela enkantolo kamantshi ebhekene namacalo okubalwa kuwo elokuzama ukubulala kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Kwesinye isigameko esingavuzanga lesi esingenhla lelithimba likhonile ukuvala amashibhi angekho emthethweni , labopha abakuleli ngokungekho emthethweni okubalwa kubo umoslwa on eminyaka ewu-26, otholwe eshushumbisa izidakamiswa nokudayisa utshwala ngokungekho emthethweni esitaladini i-Bulwer, eDundee, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Naye lomsolwa kulindeleje ukuba avele enkantolo kamantshi waseDundee, maduzane.