INHLANGANO yezokugembula i-Hollywoodbets isimemezele ukuthi izovuselela uxhaso lokuklomelisa izintatheli zebhola likanobhutshuzwayo ezingaphansi kwenhlangano eyaziwa ngeSouth African Football Journalists Association (SAFJA) okwehlandla lesine iminyaka ilandelana.
Le nhlangano yezokugembula engenisile ekuxhaseni ezemidlalo eNingizimu Afrika, isibambisene nenhlangano ne-SAFJA ukuze kuklonyeliswe kuphindwe kwesekwe ibhola elisemazingeni aphansi, ikakhulukazi ibhola labesifazane.
Ngokusho kokhulumela i-Hollywoodbets, uKuhle Mkhize, bafisa ukumemezela ukuthi bavuselela ukusebenza ngokubambisana neSAFJA, osekungunyaka wesine besebenzisana.
Lo mcimbi wokuklonyeliswa kwezintatheli nabadlali uzobanjelwa eSouthern Sun, eGoli, ngo-Okthoba 15.
Uthe bebambisene ne-SAFJA bahlele ukuklonyeliswa kwezintatheli ezingaphansi kwale nhlangano nabadlali bebhola abavelele kumaligi ebhola ehlukene okubalwa kubo abadlala kwiSafa Hollywoodbets Super League, nakwiBetway Premiership.
“Lobu budlelwane esinabo sabuqala ngo-2020 okungunyaka okwabheduka ngawo i-Covid-19 eyadlula nemiphefumulo eminingi yabantu emhlabeni jikelele,” kusho uMkhize.
Uthi lokhu kubambisana kubukeka kukhula ngamandla, sekukapakele emikhakheni yezintatheli zemikhakha ehlunkene nezivela emazikweni ezindaba ehlukene.
Uthe i-SAFJA isidumile futhi inesasasa elikhulu ngoba isekwa yizo zonke izinhlaka ezisemikhakheni yobuntatheli ebholeni likanobhutshuzwayo, ezisemithonjeni yamaphephandaba, kumabonakude, emisakazweni, nezimkhakheni wokubika ngobuchwepheshe besimanje manje (online).
“Siyaziqhenya ngokuba yingxenye yalolu hambo neSAFJA, njengoba besilekelela kusukela ngonyaka u-2020 uma kuklonyeliswa izintatheli kanye nabadlali bebhola abavelele. Kule sizini ka-2023/2024 siyaziqhenya ngokuphinde sibe yingxenye yabaxhasi bokuklonyeliswa kwezintatheli nabadlali abavelele.”
UMenzi Ngcobo, oyi-Senior Sponsorship Coordinator kwaHollywoodbets, uthe: “Siyaziqhenya ngokubambisan ne-SAFJA, futhi siqhubeke sifake igalelo ekukhuphuleni izinga lebhola nokuvumbulula amakhono ebholeni lezinyawo eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ebholeni labesifazane.
Ukuklonyeliswa kuyinto ebalulekile kakhulu nekhuthaza nabanye abadlali nezintatheli ukuba zenze kahle. Le miklomelo ingebaluleke kakhulu ikakhulukazi ebholeni likanobhutshuzwayo labantu besifazane, ukuze likhule ngoba kuzokhumbuleka ukuthi belinganakiwe esikhathini esiphambili, manje selinesasa elikhulu,” kusho uNgcobo.
Ongusihlalo we-SAFJA, uVelile Mnyandu, uthe: “Lo mbono wabakhona eminyakeni eminingi edlule, waze wafezeka ngo-2020, ngisho nangemva kokubheduka kwe-Covid-19 wakhula njalo lo mbono njengoba sesilapha manje. Sithanda ukubonga kakhulu abe-Hollywoodbets ngokuzibophezela ekutheni le miklomelo iba yimpumelelo, nalo msebenzi esiwenzayo uba yimpumelelo kanye nokuqhakambisa umsebenzi omuhle owenziwa izintatheli zebhola likanobhutshuzwayo.”
Isiyonke iminxa yokuklonyeliswa kwabadlali nezintatheli imi kanje:
SAFJA Women’s Footballer of the Year
Sphumelele Shamase: University of Johannesburg FC
Kaylin Swart: JVW FC
Boitumelo Rabale: Mamelodi Sundowns
Bongeka Gamede: University of the Western Cape
Chuene Morifi: Mamelodi Sundowns
SAFJA Men’s Footballer of the Year
Ronwen Williams: Mamelodi Sundowns
Patrick Maswanganyi: Orlando Pirates
Lucas Ribeiro Costa: Mamelodi Sundowns
Teboho Mokwena: Mamelodi Sundowns
Iqraam Rayners: Stellenbosch FC
SAFJA Journalist of the Year
Mthokozisi Dube: FarPost
Lorenz Köhler: iDiski Times
Mazola Molefe: SABC Sport
SAFJA Young Journalist of the Year
Potso Aphane: Freelancer
Leonard Solms: ESPN
Sinethemba Makonco: iDiski Times
Siyasanga Monoalibe: Sunday World