UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana kanye nezoMdabu, uyakuqinisekisa ukuthi isibalo sabandlule emhlabeni ngenxa yezikhukhula eLadysmith senyukele kwabayishishumi nane (14), ngoba abatshuzi besebhizi bethungatha imizimza osebeni lomfula. Lomnyango osubalulwe ngenhla uphinde wakuveza ukuthi nesibalo sabantu abadukile ngenxa yezikhukhula naso Siyakhula ngoba imindeni iyaya emaphoyiseni iyobika ngokuduka kwamalunga ayo. “ Kusukela ngoLwesihlanu sekubikwe ukuthi kunabantu abahlanu okubikwe emaphoyiseni ukuthi badukile kubika amalunga emindeni,” kusho uMnu Siboniso Mngadi, okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla. Uqhube wathi phambilini bekubikwe ukuthi umndeni wakwaMsimango, ubulahlekelwe amalunga ayisithupha omndeni kodwa wonke lamalunga asetholakele kodwa esendlulile emhlabeni. Uthe isibalo sabantu abandlulile emhlabeni KwaZulu-Natal, ngenxa yezikhukhula sibalelwa kwishumi nesishiyagalombili kusukela ngoDecember uma kubalwa abaminza eMandeni, eDannhauser kanye naseDundee. UNgqongqoshe womnyango uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wendlulise amazwe enduduzo emindenini elahlekelwe ngamalunga ayo , waphinde wakuqinisekisa ukuthi lamathimba okubalwa kuwo awe search and rescue, IPPS kanye ne-K9 Unit egqamuka ezindaweni eziningi azoqhubeka ngokuthungatha lemizimba engakatholakali. Uthe ubonge kakhulu lamathimba asebalulwe ngenhla ngokusebenza ngokukhulu ukuzimisela futhi aqinisekise ukuthi abaminse ngenkathi kuhlasela izikhukhula bayatholakala. Uqhube wathi ukungeza kwalamithimba kuthele izithelo ezinhle ngoba imizimba ilibe itholakala. “ Ukutholakala kwalemizimba kuzoletha ukuthula emindenini nanxa bengeke besaphinde bavuke kodwa izokwazi ukuthi ibafihle ngesizotha, ngoba kumanje sebezokwazi ukwenza izinhlelo zokubafihla ngesizotha,” esho. Uqhube wanxusa yonke imindeni edukelwe zihlobo zayo ukuba isheshe iyobika emaphoyiseni ngokushesha, ngoba lokhu kuzosiza ekutheni kwandiswe abatshuzi. Uthe umnyango uyaqhubeka ngokuhambisa izinsiza kulabo abasemanzini ngenxa yokundlula emhlabeni kwamalunag emindeni yawo. Uphethe ngokuthi abe-South African Weather Services baphinde baqagula izimvula ezinamandla kwezinye izindawo ezakhele lesiFunda saKwaZulu-Natal, wabe esenxusa umphakathi ukuba uhlale uqaphile.