KUKHANYISWE imizi ewu-300, ngaphansi kukaMasipala Mkhambathini, kwaphinde kwaphuculwa izindawo zokudayisela osomabhizinisi abasafufusa. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ubehambele kulendawo ehambisana neMeya yase Mgungundlovu ukhansela Mzi Zuma Kanye neMeya yase Mkhambathini Local Municipality ukhansela Kwazi Mkhize, ngenkathi bephinde bethula amaprojekti azodla imali ewu-R50 million, ngaphansi kwakulomasipala osubalulwe ngenhla. Uqhube wathi zishintshile izimpilo zabantu ngenkathi kuthulwa lamaprojekti kuphinde kukhanyiswe imizi ewu-300, ebengenawo ugesi phambilini. Uqhube wathi uhlelo lokufakela ugesi kuelndawo yase Camperdown ludle imali ewu-R20 million , ebingaphansi kohlelo lwe Municipal Infrastructure Grant (MIG). Baphinde baqhubeka nohlelo lokuphucula izindawo zokudayisela osmabhizinisi abancane bakulendawo baphinde bafakela amalambu okukhanyisa ezitaladini asebenzisa umsebe welanga baphucula izindawo zokudayisela osomabhizinisi abancane erenkeni baphinde bakha izindlela zokuhambela. Uthe lamaprojekti kuhloswe ngawo ukuphucula idolobha kuphindwe kehehwe izivakashi kuthuthukiswe nomnotho. Uthe lokhu kuphinde kwadala amathuba omsebenzi kubantu bendawo. Uthe leli dolobha i-Camperdown yakhiwe bakathi kweTheku kanye nedolobhakazi uMgungundlovu. “ osomabhizinisi abaningi bathuthulekela kulelidolobha ngenhloso yokuthuthukisa amabhizinisi abo baphinde badale amathuba omsebenzi,” esho. Uqhube wathi leli dolobha linosomabhizinisi abaningi abasafufusa futhi abaziphilisa ngalo kanye nemindeni yabo ngoba kwentuleka amathuba omsebenzi. Uthe ngaphandle kokuzokwethula osomabhizinisi abasafufusa baphinde kakhipha nezimvume zokudayisa kosomabhizinisi abawu-20, ukuze bahwebo ngokusemthethweni. Uqhube wathi abahlomulile kuloluhlelo abadayisa emgwaqeni, abathunga izingubo ikakhulukazi abadayisa ukudla okusheshayo. Uqhube wathi uyajabula ekutheni bonke abantu bathole ugesi ozoletha ukukhanya kuphinde kunqandeke nobugebengu obudlangile. Uphethe ngokuthi abantu abaqinisekise ukuthi bayayinakelela inqalasizinda abalethelwa yona umasipala kanye nomnyango.