UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthekezi usenxuse zonke izinhlangano zomphakathi kanye nosomabhizinisi ukba belule isandla bakhele labo abasala dengwane mhla kuhlasela izikhukhula ngonyaka u-2022, KwaZulu-Natal. Lokhu ukusho ngenkathi ifawundeshini i-Mhlasedi inikelele ngendlu eyakhele umndeni wakwa Jikela. Kuvelile ukuthi lezikhukhula zandlula namalunga omndeni okungu-Princess Bonakele Jikela, izingane zakhe Yenzokuhle kanye Elimiyo. Umholi weMahlasela Foundation uMfu Bert Pretorius wakhele lomndeni indlu enamakamelo awu-7. Kuphinde kwavela ukuthi lendlu inikelelwe endaweni yase Georgedale, esontweni iChurch of the Holy Ghost. Ungqongqoshe uMfu Buthelezi ubonge kakhulu kulefawundeshini athe isize kakhulu uma kwehla inhlekelele efana nalena. Uthe lokhu kukhombisa ukuzobophezela kwayo ekusebenzeleni umphakathi wonkana. Uqhube wathi uhulumeni eyedwa ngeke akwazi ukufeza izidingo zawo wonke umuntu wakuleli ikakhulukazi labo abakhahlanyezwa zikhukhula ngoba nabo baningi. Uphinde wakuveza ukuthi lokhu kwenzeke kahle ngoba futhi bekuwusuku lokuzalwa lukaMntwana wakaPhindangeni uNdunankulu Mangosuthu Buthelezi ongasekho. Uthe ngibonga kakhulu lefawundeshini ephucula izimpilo zabantu ngaso sonke sikhathi, iphinde ibasule nezinyembezi. Lokunikezelwa kwendlu bekuhanjelwe nguNgqongqoshe wezokuThutha kanye nokuHlaliswa kwabantu uMnu Siboniso Duma kanye nelunga lePhalamende uMnu Blessed Gwala. Obekhulumela umndeni uMntwana Philemon kaTshelendoda kaDinuzulu uthe ubonga kakhulu ngosizo olulethwe ilefawundeshini, abalulethele lomndeni owalahlekelwa ngamalunga awo. Ube esebonga kakhulu uMfu Pretorius ngomsebenzi omuhle awenzele lomndeni.