UGWETSHWE udilikajele olahlwe icala lokudubula abulale umakhelwane , aphinde azame ukubulala elinye elunga likamakhelwane! Kuvelile eNkatolo yesiFunda i-Dundee, ukuthi uPhathelakhe makhumulo oneminyaka engu-55, ulahlwe amacala amabili elokubulala umakhelwane kanye nelokuzama ukubulala omunye umakhelwane. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana, mhlaka 4 April 2022, amaphoyisa abikelwa ukuthi kube nabantu ababili abadubuleka e-Ingudlane , eDundee, okwathi uma efika endaweni yesigameko athola abagilwa ababili ababenamanxeba okudutshulwa, abe esebaphuthumisa esibhedlela. Uqhube wathi esitatimendeni, bahamba baya esibhedlela emva kokufika endaweni yesigameko batshelwa ukuthi abagilwa baphuthunyiswe esibhedlela, okuyilapho abafica khona abagilwa ababili oneminyaka engu-23 nengu-28, abafica benamanxeba okudutshulwa. “ Abagilwa babe sebetshela amaphoyisa ukuthi bambonile uMaphumulo ebadubula kwazise phela ukuthi kwabe kunonyezi, kwathi emva kokubadubula weqa futhi wabuyela endlini yakhe wabashiya bobabili belele phansi,” kusho yena. Uqhube wathi kuphinde kwavela enkantolo esibalulwe ngenhla ukuthi amaphoyisa athi esebhizi esavulelwa abagilwa icala wangena uMaphumulo, lapho afike achazela khona amaphoyisa ukuthi abantu bathi nguyena odubule abagilwa, wabe eseboshwa khona lapho esiteshini samaphoyisa wathweswa amacala okuzama ukubulala ngoba umgilwa owashona wabe esaphila, kanti uboshwa nje kwakuvele kusolwa yena ngoba umndeni wabe usebhizi uvulela yena icala.. Uthe kwabe sekuvulwa amacala amabili okuzama ukubulala. Uqhube wathi icala labe selinikezwa umphenyi u-WO Anton Nkabini ukuba aliphenye, okwathi esaqhubeka nophenyo kwazwakala ukuthi umgilwa wesilisa wabe eseshonile emva kwako lokudutshulwa ngumakhelwane. “ Lona wesilisa washona ngenxa yamanxeba okudutshulwa ngumakhelwane,” esho. Uqhube wathi labe selishintsha icala lokuzama ukubulala kwaba elokubulala ngenhloso. Uthe ngesikhathi kuqulwa icala umangalelwa uMaphumulo waelibe ewaphika lamacala, kanti nenkantolo yasiphikisa isicelo sebheyili yakhe ubelibe egcinwe ezitokisini kwaze kwafika isikhathi sokuba uyagwetshwa. Uphethe ngokuthi uMaphumulo ugwetshwe udilikajele kwelokubulalal, kwaba iminyaka eyisishigalombili (8), kwelokuzama ukubulala, waphinde watshelwa ukuthi akasagunyaziwe ukuphatha isibhamu nokuba naso lokhu nje.