UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usendlulise amazwi enduduzo emindenini yabawu-7. Lokhu kulandelwa ukuthi laba bandlule emhlabeni emva kokuhlasela komlilo wequbula esiFundeni i-Zululand. Kuvelile ukuthi laba abandlule emhlabeni , bandlule emva kokuba lomlilo wequbula ubuhlasele kulaboMasipala abalandela, King Cetshwayo, Ilembe, uThukela kanye naseZululand. Abalahlekelwe zimpilo zabo ngu-Sandiso Wudla oneminyaka ewu-2, waso-Ulundi kuwadi 14, Sinakho Madlala ona-9, wase-Inkosi Langalibalele eWadi-14, Muntukabongwa Gazu (67), waseMlalazi eWadi-1, Ncane Nyandeni (68), wakuWadi-4, kumasipala wasoLundi, Jadi Ngcobo (86), Maphumulo Wadi-8, Bongiwe Luthuli (67) uMlalazi Wadi-6 kanye noSithaba Mpofu (290, wase epulazini i-Masingene , ngaphansi kukaMasipala i-Ray Nkonyeni. Kuphinde kwavela ukuthi abawu-6, bashonele emizini yabo ngenxa yomlilo wequbula kanti owesi-7 yena kuvele ukuthi ushele endlini emva kokuba ishile eMasigenge. “ UNgqongqoshe uMfu Buthelezi usejube abezezinhlekelele ukuba bahambela labomasipala abakhahlazamekile,” kusho isitatimende. Uqhube wathi esitatimendeni sisethhukile futhi sidumele ngokundlula kwabantu emhlabeni ngenxa yomlilo. “ Sindlulisa amazwi enduduzo kuyo yonke imindeni ehanjelwe abathandiweyo bayo,” esho. Kuphinde kwavela ukuthi lomlilo ucekele phansi amasimu , imvuyo, lapho abalimi belahlekelwe imfuyo ewu-1 600, kwaphinde kwacekeleka phansi amahekta awu-14 000, omhlaba lapho kudla khona imfuyo. Ithimba eliholwa uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ehambisana neminyango eminingi kahulumeni, bahambele imindeni ekhahlazamekile ngenhloso yokuyohambisa usizo oluphuthumayo nakubalimi abalahlekelwe imfuyo kanye nemihlaba. Ungqongqoshe uMfu Buthelezi uzohambela isiFunda i-Zululand ngeSonto leli lakusasa mhlaka 14 July 2024.
Isikhathi:10Am
Indawo: Ulundi Local Municipality , Council Chamber.