NGABALAHLEKILE. Kwesokuqala ngu-Ayanda Nombono, Vikizitha Phakathi, Siyabonga Mnyandu noThamsanqa Mathabela Izithombe: ZITHUNYELWE
AMAPHOYISA aseMlazi, eThekwini, acela ukufuniswa abesilisa abane abadukile okungaziwa ukuthi bakuziphi izinkalo noma basaphila yini.
Amaphoyisa acela ukufuniswa uMnuz Ayabonga Nombona (25) owagcina ukubonakala mhlaka-23 Septhemba 2024. UMnuz Vikizitha Phakathi (54) owalahleka ngonyaka ka-2021, uMnuz Siyabonga Mnyandu (51), noMnuz Thamsanqa Mathabela (59).
Bobane laba abafunwayo ngabaseMlazi.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthi kunxuswa noma ngabe ngubani oke wabona laba balisa athinte amaphoyisa.
“UNombona wakwa-A, eMlazi wagcina ukubonakala mhlaka 23 Septhemba 2024, ekhaya lakhe egqoke ibhulukwe elimnyama, ishethi eliluhlaza nezicathulo ezimnyama. Unsundu ngebala, ulingene nje emzimbeni,” kusho uConstable Ngcobo.
UPhakathi okusolakala ukuthi yena waduka ngonyaka u-2021, naye waduka esekhaya lakhe kanti izingubo abe ezigqokile ngalelo langa azaziwa.
UMnyandu okubikwa ukuthi owakwa-H, eMlazi, yena wagcina ukubonakala ngomhla-10 Okthoba kuwo lo nyaka, okukholakala ukuthi naye wanyamalala esekhaya. Kanti uMathabela okubikwa ukuthi ngowaseMndeni Road, khona eMlazi, naye kukholakala ukuthi wabe esekhaya ngosuku anyamalala ngalo lwango-mhlaka 8 Novemba kuwo lo nyaka.
“Unsundu ngebala, mude ngokwesiqu. Wanyamalala egqoke ishethi elinsundu nokuluhlaza, nebhulukwe eli-navy.
Sinxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi noma oke wababona laba abadukile ukuba ashayele u-Sergeant Khomo ku-031 325 6256 noma kwi-Crime Stop ku-08600 10111.