UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal, usumemezele ukuthi uzokwelula izinkontileka zabahlanzi ezikoleni(cleaners), Kanye nabaqaphi phecelezi Safety Officers, ezikoleni zaKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi UMnyango ukwenza lokhu ngoba uhlose ngakho ukuthi abafundi baqhubeke bafundele ezindaweni ezihlanzekile Kanye neziphephile kanti ngakolunye uhlangathi abenza lomsebenzi bathole inkece. UNgqongqishe uNksz Mbali Frazer uthe sikhulu isidingo salabasebenzi abalulelwe izinkontileka ezikoleni. Uthe izinkontileka zilulelwe ukuba ziphele mhlaka 31 March 2025, ukuze kuqinisekiswe ukuthi abafundi, bafundele ezindaweni ezihlanzekile neziphephile. Uphethe ngokuthi beqhuba lomsebenzi bazokwazi ukuxosha ikati eziko.Â
Kuqopheke umlando kwethulwa isikhwama semphesheni yaMakhosi, uhlelo lwezempilo, lokonga,oNdini
NGAMAKHOSI abethamele umcimbi kanye noNgqongqoshe uThulasizwe Buthelezi. Kwesinye uNgqongqoshe uButhelezi kanye neNkosi uBrian Lushaba. Izithombe. Zithunyelwe KUBE yinqophamlando kwethulwa isikhwama...