KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka ewu-25 newu-70, kwashaqwa izibhamu ezimbili kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi laba basolwa ababili baboshwe uPhiko lweGlencoe K9, Umzinyathi District Task Team, kanye ne-National Deployment Team,ezigamekweni ezimbili ezahlukene, mhlaka 13 July 2024. Kuvelile ukuthi lezi bhamu zitholakale eMhlumayo,eNhlanhleni, ngezintatha. Kuphinde kwavela ukuthi esigamekweni sokuqala amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi kunomsolwa ophethe isibhamu esingekho emthethweni abe esegasela khona kuloyomuzi abebelayelwe wona bafike bathi uma besesha abathola isibhamu sohlobo lwe-38 Revolver special, wabe eseyaboshwa umsolwa khona lapho. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa aqhubekile nomkhankaso wawo aya emzini thizeni khona eMhlumayo lapho nakhona athe uma esesha athola sibhamu esingekho emthethweni kwaboshwa umsolwa oneminyaka ewu-70., emva kokuba kutholakale lesibhamu sohlobo lwe 38 special Revolver. Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe kuboshwe abasolwa ababili abatholakale nezibhamu zohlobo lwe 38 special kanye nezinhlamvu eMhlumayo. Uthe bobabili laba abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo kaMantshi waseMsinga bebhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, wabe esethi bobabili bagcinwe ezitokisini zasesiteshini samaphoyisa aseNhlanhleni. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
.