IZAGUGA zakwaHadebe ezinikelelwe ngezihlalo ezihambayo nenduku yokuhamba enemilenze emine. Kwezingaphansi, uNksz Kheswa ogixabezwe ngesihlalo esinamasondo Izithombe. ZITHUNYELWE
ZIHLOMULE ngezihlalo ezihambayo nenduku yokuhamba enemilenze emine (pulpit walker) izalukazi ezintathu zaseDannhauser, ngosizo lwabe-Sizwe Sandile Mabanga Foundation, ngoLwesihlanu.
UNkk Hambasakhe Hadebe (86) unikelelwe ngesihlalo kwathi uNkk Danda Busisiwe Hadebe baseSurrey Farm wanikelelwa ngenduku enemilenze emine kanti uNkk Busisiwe Kheswa (70) waseFairbreeze Farm, khona eDannhauser, naye wanikelelwe ngesihlalo esinamasondo.
Laba abathathu bahlomule ngalezi zinsiza-kuhamba ngemuva kokuba abeSizwe Sandile Mabanga Foundation baziswe ngamalunga omphakathi ngokudinga usizo kwalezi zaguga.
Kwenzeka lokhu nje akukapheli sikhathi esingakanani le nhlangano yomphakathi isanda kwelula isandla kuNksz Kheswa ohlala nabazukulu abangu-14 onikelelwe ngegilosa nezicathulo.
UMqondisi weSizwe Sandile Mabanga Foundation, uMnuz Sizwe Mabanga uthe: “Ngenkathi sivakashele ugogo Busisiwe Kheswa, wasichazela ukuthi uyehluleka ukuhamba esebenzisa izinduku ngoba akaboni futhi akanawo amandla, sase sibona ukuthi kufanele selule isandla simsize ngesihlalo esihambayo.
“NjengeSizwe Sandile Mabanga Foundation sibone kubalulekile ukuthi sisukumele phezulu siyokwelula isandla kulezi zaguga eziswele izihlalo zokuhamba.
Sisazonxenxa abanye osomabhizinisi nezinhlaka zikahulumeni ekutheni zingenelele ekuphuculweni kwezimpilo zabantu abantulayo ikakhulukazi ezagugeni ezihlala nabazukulu futhi abanakelelwa yizo.
Ugogo Kheswa yena kumele akhelwe indlu azokwazi ukuyibiza ngekhaya, yingakho ngithembisa ukuthi ngizoyonxenxa osomabhizinisi nezinye izinhlaka zikahulumeni ukuba ugogo Kheswa akhelwe indlu,” kusho uMnuz Mabanga.
UNksz Kheswa ezibongela ngosizo alutholile, uthe: “Ngiyabonga kakhulu, sengathi uNkulunkulu anganandisela lapho nithathe khona.”
UNkk Hadebe, uthe: “Angazi ukuthi nginganibonga ngani bantabami njengoba ngifisa ukuthi ngabe nami ngininika okuthize kokuzibongela emva komsebenzi ongaka esenisenzele wona.
UNkulunkulu anigcine niphinde nisize nabanye. Siyabonga kakhulu ngoba manje sengizokwazi ukusuka kule ndlu ngiye kwenye ngokushesha ngingalibe ngitotoba.”