NGIYAJABULA kakhulu ukuba yingxenye yokuzogubha usuku lomama olugujwa umhlaba wonke (International Women’s Day), njengoba kuhloswe ngola ukuzodingida ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane (Gender Based Violence Against Women and Children). Lamazwi ashiwo nguNgqongqoshe weZemfundo KwaZulu-Natal uNksz Mbali Frazer ngenkathi kugujwa usuku lwabesfazane umhlaba wonke , kumgubho obubanjelwe e-garden Court Hotel , Umhlanga, ngelendlule. Ukuvezile ukuthi ubonga kakhulu abe-United
Nations Office on Drugs and Crime, ukuba bahlele lomhlangano onjena obekuhloswe ngawo nokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane, kanye nokubhebhetheka kokushushumbiswa kuphinde kugxilwe ezidakamizweni, esezisiqedile isizwe seliMthaniya. Uthe nanxa uhulumeni ophethwe uKhongolose asikhulula kodwa isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane asikapheli kunalokho sikhula ngamandla, nasemnothweni womhlaba kanye nowasemakhaya.
Uthe njengoba eyinxenye ye-National Strategic Plan ekulwisaneni nalesihlava nokuqedwa kokuhlukunyezwa kwabantu besifazane lapha eMzansi Afrika sebebeke amapholisi kanye nemithetho esobhekelela ukuthi ubulungiswa kuyenzeka uma kuhlukunyezwa abantu besifazane, kanti futhi abantu basifazane kumele bakhuluswe noma bacijwe ngamakhona azobenza bakhule ngakwezomnotho. Uthe asikwazi ukuba sithule ngathi asiboni kodwa kube kukhona ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngokocansi, ukushaywa kanye nokubulawa imbala okwenzeka nsukuzonke lezi. “ Njengabaholi, othisha, abazali kanye nabaqaphi bezingane kusemahlombe ethu ukuba sikhulise abantwana babafana kanye nabamantombazana ngendlela futhi bakwazi nokuqonda ukuthi isithunzi somunye siyahlonishwa ingabe ngowesifazane noma ngabe owesilisa,” esho. Uqhube wathi kumele sibuyele emasisweni lapho wonke umuntu ozelwe wayekhuliswa khona ngokwesiko nangokulingana. Uthe ufisa ukubonga ngokukhethekile abaholo bendlu yoMdabu noma abaholi beNdabuko baKwaZulu-Natal, ababambeisene nohulumeni wakulesiFunda kanye ngeqhaza elikhulu abalibambile ekulwisaneni nalesihlava esikhula ngokubhebhetheka sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, lapho abafundi kanye namathishela beyizisulu. “ Bondabezitha nezinduna niyakwazi nina ngoba nibambe iqhaza elikhulu ekulwisaneni nalesihlava ukuthi lapha eSouth Africa umuntu unelungelo lempilo, isithunzi kanyenoku nokuvikeleka,” kusho Nksz Mbali Frazer. Uqhube wathi kumele kutshalwe kakhulu kubantu besifazane ngoba bona ibona abagada namakhaya imbala obaba bengekho besemsebenzini. Uthe uhulumeni kaKhongolose wakuqinisekisa kudala ukuthi kuqashwa ngokulingana ezindaweni zikahulumeni kanti futhi abesifazane kanye nabesilisa sebehola imali elinganayo emva kokuthola inkululeko ngo-1994, futhi akubhekelelwa ukuthi umhlobo muni nokuthi ongowaliphi ibala. “ Ngamapholisizi akhiwa ilohulumeni sekukhona ukulingana kwezamholo kanye nokukhushulelwa kwabesifazane ezikhundleni eziphezulu ngoba nabo baphethe kumanje, “ echaza. Uqhube wathi unxusa zonke izimenenja ezinokuhambela imihlangano i-Department of Education strategic planning workshop, ukuba baqinisekise ukuthi lonke ulwazi abalutholayo bayalundlulisela kwabesifazane futhi babanika noqeqesho.
Uthe makusetshenziswe isiqubulo esithi International Women's ukuze kuzoshintsha indlela abesifazane abahlukunyezwa ngayo iphele. “ Sisonke singasiqeda lesihlava, uma sizobeka awo amalungelo awo wonke umuntu phambili.