NGUNGQONGQOSHE wezemfundo eKZN, uMnuz Sipho Hlomuka
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usephumele eshashalazini ezihlangula ezinsolweni ezibhekiswe emnyangweni wakhe yi-Democratic Alliance (DA) emkhomba ngenjumbane ngokukhetha iphela emasini ekuvakasheleni izikole ngenhloso yokuhlola ukuqhubeka kwezivivinyo zika-matric zokuphela konyaka eziqhubekayo.
“Sihambela zonke izikole, asikhethi iphela emasini ukuyohlola ukuthi akukotshelwa yini nokuthi kuqhubeka ngaphandle kwezihibe ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka zika-matric. Asikhethi ukuthi izikole ngabe zisemadolobheni noma emakhaya, kodwa sizihambela zonke siyobheka ukuthi izivivinyo zihamba ngaphandle kwezihibe.
Lokhu okushiwo i-DA kungamampunge futhi akwamukelekile njengoba bethi sikhetha izikole esizivakashelayo. Sinohlelo olungafihliwe olwaziwayo lokuvakashela izikole ezibhala u-matric futhi sihambela zonke izifunda KwaZulu-Natal, ngoba sihlose ukuthi kubhalwe ngaphandle kokuphazamiseka noma izihibe, njengoba bekungakabikwa zihibe selokhu kuqaliwe ukubhalwa kwezivivinyo.
Singumnyango sizibophezele futhi siyaqinisekisa ukuthi lezi zivivinyo zika-matric ziqhubeka ngaphandle kwezihibe ngoba sihlose ukuthi abafundi babe nekusasa eliqhakazile,” kusho uMnzu Hlomuka.
Uphethe ngokuthi bona njengoMnyango wezeMfundo esifundazweni balandela imithetho nenqubomgomo yomnyango uma bevakashela izikole okubhalwa kuzona u-matric.
“Zonke izikole sizihambela ngokulingana, asikhethi sikole ukuthi sisedolobheni, elokishini noma emakhaya uma senza lolu hlelo lokuvakashela izikole, ngoba sihlose ngalo ukusiza abafundi basesifundazweni.”