AMAPHOYISA aseMlazi asebeke umehlo kaboni oyisamba esingu-R60 000 , kozowasiza ngolwazi oluzoholela ekuboshweni kwabasolwa ababili abadubula babulala abantu abangu-6.
Kubikwa ukuthi abadutshulwa babulawa babe behleli e-Thabo Morena Street , eMlazi , ngaseceleni kwehositela i-Tehuis, mhlaka 17 Agasti 2024,ngenkathi kufika abasolwa ababili , abafika babacela ugwayi.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uCaptain Ntathu Ndlovu uthe esitatimendeni, kwafika abasolwa ababili esitaladini iThabo Morena, bafike bacela ugwayi kubagilwa.
Uthe esitatimendeni , abasolwa ababili bahamba emva kwalokho, babe sebebuya emva kwesikhashana, baphoqa abafi ukuba balale ngezisu phansi, babe sebebadubula bababulala.
“Kuleso sigameko esanyantisa igazi, kwadusthulwa kwabulawa u-Innocent Mazeka (25), Khaliphile Ntombela (37), Yamukela Mzekeli (29), Mlungisi Langa (40), Sinqobile Ngcobo (30) kanye noDumisani Mgoza (39), abebehlezi eceleni kwehositela i-Tehuis Hostel, “kusho uCapt Ndlovu, eqhuba ethi, abasolwa bashaya utshani emva kokudubula babulale laba abayisithupha.
Uthe esitatimendeni, abasolwa babaleka ngezinyawo emva kwesigameko sokudubula.
“Abesifazane abathathu ababehlezi nabadutshulwa bona basala benganamyocu ngalobo busuku kubulawa abayisithupha,”esho esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni , amaphoyisa asehluleke ancama ukuthola laba basolwa ababili yingakho esebekhiphe umehlo kaboni wesamba esingu-R60 000.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni amaphoyisa anxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nalaba basolwa ukuba bashayele umphenyi wecala uSergeant Jila kulezinombolo 079 696 3685 noma kuCrime Stop on 0860010111.