UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMhlonishwa , uMfu Thulasizwe Buthelezi, wendlulise amazwi enduduzo emndenini wabasebenzi abawu-3, abashone ngenkathi becima umlilo eMpophomeni, Bostone, ngaphansi kwaMasipala uMngeni. Kuvelile ukuthi kulesigameko sokundlula kwabathathu emhlabeni kwisigameko sokulwisana nomlilo wequbula kuphinde kwalimala abasebenzi abawu-5, abaphuthunyiswe esibhedlela besesimeni esibucayi. “Wendlulise amazwi enduduzo emindeni yalaba abawu-3, abandlule emhlabeni, waphinde wafisela laba abawu-5, abalimele kuso lesigameko ukuba balulame ngokushesha. Uphinde wanxusa ukuba isiFunda i-KwaZulu-Natal, sihlonzwe njengesenhlekelele. UNgqongqoshe izolo mhlaka 14 July 2024, ube nomhlangano nabalimi baseZululand, abalahlekelwe yimfuyo yabo ebalelwa kwewu-1600, kwaphinde kwacekeleka phansi amadlelo abo angamahekta awu-14 000, ngenkathi kunesgameko sokuhlasela komlilo wequbula. Kuphinde kwavela ukuthi ubeyohambisa usizo kubo labalimi abakhahlamezekile.