UNGQONGQOSHE wezokuqashwa nabasebenzi (Employment and Labour), uMnu Thulasi Nxesi, usezinhlelweni zokuthi kuvikelwe ukulahleka kwemisebenzi engu-4000 emayini AMPLATS. Lokhu kulandelwa wukuthi lenkampani yezimayini isiveze ukuthi ingase idolize abantu abangu-4000, lokhu okusho Labantu bazophelelwa imisebenzi kube kuvele lelizwe libhekene nengwadla yokusweleka kwamathuba omsebenzi, okuzoshaya kuzwele emindenini eminingi. Kuvelile ukuthi ungqongqoshe Nxesi unolwazi mayelana nezinhlelo zalemayini esibalulwe ngenhla ukuthi ihlela ukudiliza abasebenzi abangu-4000, ngoba ibhekene nezinkinga zokuthi iqhubeke isebenze ngendlela ngenxa yezinkinga zangaphakathi nezangaphandle ababhekane nazo, okuyinto engabhekananga nelakuleli kuphela kodwa namanye amazwe abhekane nenkinga efanayo nalena ebhekane ne-Amplats. Ungqongqoshe Nxesi esitatimendeni ube esenxusa umnyango wakwaLabour kanye ne-Amplats ukuba basebenzisane ukuze kuqhanyukwe nesisombululo kanye nesixazululo ukuze kungadilizwa abantu abaningi kangaka nokuthi baphume nesisombululo ekutheni ayavikeleka amathuba omsebenzi. “ Ngifisa ukuthi leminyango esibalulwe ngenhla ukuba ibambisane ixoxisane futhi iqinisekise ukuthi imisebenzi iyavikeleka,” kusho uMnu Nxesi esitatimendeni. UMnu Nxesi usecele ukuthi ikhomishana- iCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA), ukuba ingenelele ukuze kuvukeleke ukulahleka kwemisebenzi. Uqhube wathi usejube oKhomishana ababili ukuba baxoxisane ne-CCMA, ukuze kuqhanyukwe nezixazululo kuloludaba lohlelo lokudilizwa kwabasebenzi. “ Nginethemba ukuthi i-CCMA izonceda kakhulu ekuvikelweni kokulahleka kwamathuba omsebenzi ngoba inesipiliyoni sokulwisana nokudilizwa kwabantu kanye nokuvikela kokulahleka kwemisebenzi. Uphinde wanxusa kakhulu lezinhlaka ukuthi sisebenzise konke okubalulekile ekuvikeleni ukudilizwa kwabantu. “ Nginethemba elikhulu ukuthi uma lezinhlaka zixoxisana siyofinyelela esiphethweni esihle esizojabulisa wonke umuntu futhi kugwemeke ukulahleka kwemisebenzi, futhi ufisa ukuthi lezixazululo kumele zamukeleke yizo zombili lezinhlaka. Kuphinde kwavela ukuthi uMnu Nxesi usezinhlelweni zokuhlangana nongqongqoshe wezezokuMbiwa namandla (Minerals Resources and Energy), Gwede Mantashe ukuze baxoxe ngaloludaba , baphinde babonisane ngezinselelo ezibhekene nalomkhakha wezezimayini bese kuqhanyukwa nesisombululo, ukuze kuvikelwe ukulahleka kwemisebenzi.