ABANTU abavote ngobuhlakani! Kuyobonakala ukuthi ukhetho selusemome ngoba sekusele amaviki amathathu ukuba kube nokhetho lwezifundazwe kanye nelikazwelonke, kanti namaqembu ezepolitiki awazibekile phansi abhizi agaya amavoti kanti amaningi agaqele kakhulu isiFundazwe saKwaZulu-Natal, ngoba sibukeka sibhekwe kakhulu amaqembu amaningi njengoba singesesibili ubukhulu kanye nabantu ababhalisele ukuvota baningi. Kulibe kwabakhona umbuso noma uhulumeni wentando yeningi emunyakeni ewu-30 endlule , ukhetho lokuqala lolu olunamaqembu amaningi angenele ukhetho ngoba awu-52 bese kuba nabangenele ukhetho ngokuzimela okungokokuqala kwenzeka kulelizwe. Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini abantu babengavunyelwe ukuvota ngenxa yebala. “ Njengamanje singumphakathi sibhekene nenselelo yokushoda kwamanzi, ngenxa yokwehliswa kwemali ngomlenze, ukungaphathwa kwayo ngendlela kanye nenkohlakalo, okuyisona sizathu esenza sibthole izimpompi kanye namapayipi engaphumi manzi. Okunye okuyimbangela yalokhu imifula iyangcoliswa ngezinto eziningi. Ukuqasha kwabantu abangenawo amava namakhono enye imbangela yalenhlupheko esibhekene nayo, kodwa uma kuvotelwa inhlangano entsha sonqoba siphume kuleligibhithe,” kusho ongafunanga ukuba igama lakhe lidalulwe esitatimendeni. Uqhube wathi asikwazi ukulawula ukukhuphuka kukapethiloli kodwa sinawo umthelela ekunyukeni kwelandi, kodwa abaholi bethu abakunakile lokhu , bakushaya indiva. Uthe abathola izikhundla bakubona kuyinto yokuzinothisa kwabo ngokwezomnotho baphinde babe namandla ngaphezu kwabanye, kanti abanye abanandaba nabavoti sanhlobo, nonembeza babo ababanakile abavoti. Nginxusa bonke abavoti ukuba bavote ngobuhlakani. Uma ungayi ukuyovote uzuncisha ilungelo lakho ngoba ngeke ukwazi ukufaka ngisho isikhalazo lesi. Ephetha uthe ushintsho nozinzo luzolethwa ngabantu abazovota kahle.