ILADYSMITH ihlionzwe njengendawo yenhlekele! Lokhu kulandelwa izikhukhula ezagugula imigwaqo Kanye nezimoto kwaphinde kwandlula abantu abaningi emhlabeni ngenxa yezimvula ezinamandla ebezihambisana nemimoya Kanye nemibani. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, kuZwelonke uNkk Thembi Nkadimeng, uhambele lendawo esibalulwe ngenhla wafike wayihlonza njengendawo evelelwe inhlekelele emva kokuba abntu abandlulilwe kwabangu-40, bandlula emhlabeni emva kokuba izimoto ababehamba ngazo zagugulwa zikhukhula kuhlasela izimvula ezinamandla, kusukela ngenyanga ka-October, kuze kube manje izikhukhula zisahlasela kulendawo. UNgqongqoshe Nkadimeng, uthe benguhulumeni bazokwenza ngawo wonke Amandla ukuthi lezakhamuzi ezikhahlamezekile ziyasizakala ngoba zakhahlamezeza, zaphinde zalahlekelwa ngamalunga emindeni yazo.
Uphinde wamemezela ukuthi abeNational Disaster Management Centre, babe sebeyihlonza lendawo njengekhahlamezekile , base beqinisekisa ukuthi umonakala owadaleka kuhlasela lezikhukhula bazozama ukuthi bawulungise, ngoba kwalimala nenqalasizinda kuhlasela lezikhukhula. Uthe sebeme ngomumo ekulungiseni inqalasizinda eyamoshakala kuhlasela izikhukhula. Ngenkathi evakashile uNgqongqoshe Nkadimeng ngenkathi evakashele lendawo esibalulwe ngenhla ubehambisana noMnu Parks Tau, oyisekela lakhe Kanye noNgqongqoshe esifundazweni uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, bezobona umonakalo owadaleka kuhlasela izikhukhula, kanti futhi bebehambisana nobuholi bakulendayo obekukhona kubo umkhandlu wesiFunda Uthukela..
Uqhube wathi Uthukela Ilona elikhahlamezekile kakhulu ngoba kulo kwandlula emhlabeni abantu abangu-26, ngenxa yesimo sezulu, esingekho kahle. Uthe nakuba abezimo zezinhlekelele besahlola umonakalo kodwa kuvelile ukuthi umonakalo owadaleka kuhlasela lezikhukhula ubalelwa kuabhiliyoni wamarandi. “ Njengamanje umonakalo odalekile kunqalasizinda uzodla R2 billion, wamarandi, okubalwa kuwo imigwaqo, amabhuloho Kanye nezindlu, “ esho, weqhub a ethi abanye omasipala abakhahlamezeka kubalwa kubo ,Uthukela, Ilembe, Ugu, Umzinyathi Kanye neThekwini Metro, nabo abahlonzwe njengomasipala abehlelwe inhlekelele. Uthe lokhu kuzodala ukuthi omasipala laba bangahambisi intuthuko kwizakhamizi ngoba nge ibe khona ibhajekthi yokwenza amanye amaprojekthi omasipala. Uqhube wathi kuzodingeka ukuba isiFunda Kanye nohulumeni kazwelonke, bangakwazi ukuqhubeka neminye imisebenzi ngenxa yokukhahlamezeka zimvula ezinamandla. Uthe lokhu kuzomele isifunda sikundlulisele kuMengameli uma sebehlonzile ukuthi umonakalo odalekile ungakanani, ukuze kutakulwe isifundazwe. “ lezimvula ezinamandla ziyaqhubeka ngokuhlasela esifundazweni, kanti namathimba awakasuku kulezindawo noma omasipala abavame ukuhlaselwa lezimvula. Uthi sebeyile komasipala abafana naKwaDukuza, Indwedwe Kanye naseThekwini. Uthi noma ushayela undlula kulezindawo uyabonakala umonakalo odalwe ilezimvula, kanti lokhu kuayakhathaza kakhulu ngoba lezimvula zisaqhubeka nokuyidliva. Uthe uma sebeqedile ukuhlonza lezindayo , babheka nomonakalo bazoqinisekisa ukuthi bakhuluma noMengameli wezwe bese kuthi naye akhulume neNational Treasury, ukuze ilekelelwe ngezimali zokutakula isifundazwe. Uthi uma uhamba ngokwaqo uN11 uyawabona amabhuloho abhidlikile ngenxa yalezimvula. UNgqongqoshe Sithole-Moloi, ubonge kakhulu ungqongqoshe Nkadimeng ngokusukumela phezulu uma bebika ngodaba lwesifundazwe, Kanye nokuqala angenelele ngosizo. Uphethe ngokuthi bangakujabulela ukuthi uMengameli ahlonze lendawo njengendawo evelelwe inhlekelele, ngoba kubonakala ukuthi lendawo noma labomasipala bakhahlamezeke kakhulu.