KUDUTSHULWE kwabulawa abathathu, kwalimala ababili eKantoor,Utrecht, ngelendlule, ngezintuba zabo 11.24. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseNewcastle uLizzy Arumugam, uthe amaphoyisa athe uma efika endaweni yesigameko bafice izidumbu zabantu abathathu zinamanxeba okudutshulwa , kwathi ababili batholakala nabo endaweni yesigameko belimele kanzima, babe sebephuthunyiswa esibhedlela. Imbangela yokudutshulwa kubulawe laba ayikaziwa nokuthi kulinyazwe laba abanye. Akukaboshwa muntu kulesigameko kanti uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka. Kuphinde kwavela ukuthi onogada babiza amaphoyisa emva kokuba bezwe kuqhuna isibhamu ngasesibhedlela iNiemeyer, ngoba kwakusenesicima konga kukagesi, kulobo busuku. Uqhube wathi owazibonela uthi wabona umuntu efika ekhahlela umnyango walapho bekuhlala khona izisulu , wabe esebakhanyisa ngethoshi elikhanyisa kakhulu, ngaphambi kokuba avulele ngenhlamvu. “ Endaweni yesigameko kutholakale amagobolondo ayisithupha, endlini lena angina kuyo eyabe seyashiywa ingasahlali muntu,” esho. Abandlule emhlabeni ngenhla yalesigameko ngu Innocent Nxumalo (32), owadubuleka ekhanda, Sifundo Shabalala (280, owadubuleka ekhanda nasemzimbeni kanye noThuthuka Mkhonza (45), owadutshulwa kanye esiphongweni. Kwathi abasindile oneminyaka engu-3- wadubuleka engalweni yesandla sokhohlo wabe esephuthunyiswa esibhedlela saseMadadeni kwathi oneminyaka engu-25, wadubuleka esandleni sokuphosa waphuthunyiswa esibhedlela iNiemeyer.