SEKUNXUSWE abantu baseNingizimu Afrika ukuba babambisane ekulweni nesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu esidalwa wubudedengu babo uqobo esigcina sicekela phansi imvelo, okuholela ezinhlekeleleni zesimo sezulu ezigcina zidlule nemiphefumulo.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ngenkathi kugujwa usuku lwamadolobha amakhulu emhlabeni i-World Cities Day, okwenziwa minyaka yonke ngo-Okthoba 31 ngaphansi kwekhalenda yenhlangano yezizwe, i-United Nations.
Ngokwesitatimende soMnyango wezokuBusa ngokuBambisana, lo mgubho wenziwe ngaphansi kwesimo sezulu esingesihle, nokuwubufakazi bokuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni wonke okuba nomthelela omubi ekucekelekeni phansi komnotho wamazwe asathuthuka.
“Kubalulekile ukuthi abantu baqikelele ukuthi bagcina imvelo ngendlela emukelekile futhi bangayingcolisi ngoba lokhu kuholela ezimeni ezimbi zesimo sezulu okubalwa kuzo ukushaywa kwabantu ngumbani, izikhukhula ezicekela phansi imvelo, kuphephuke izindlu abantu basale dengwane, kufe nokudla emasimini.
“I-KwaZulu-Natal nayo ayisali ngaphandle esimweni sezulu esicekela phansi imizi ngenxa yokukhahlanyezwa zikhukhula ezindaweni eziningi lokhu okudala ukwehla komnotho ngenxa yezimvula ezinamandla ezikhahlameza abantu, abanye bagcine bedlulile emhlabeni abanye basale dengwane.
Lezi zimvula zicekela phansi izakhiwo, ingqalasizinda efana namaphayipi amanzi, kucekeleke phansi izigxobo zikagesi, izakhamizii kuphoqeleke ukuba zihlale ebumnyameni. Lezi zimvula ezinamandla ziphinde zicekele phansi izikole ngoba ziyaphephuka kulimale okuningi,” kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana, uMfu Thulasizwe Buthelezi, esitatimendeni.
Uthe sebethathe isinqumo njengesifundazwe i-KwaZulu-Natal ngokubambisana namakhosi ukuze kucotsholelwane ngolwazi oluzosiza ekugwemeni imithelela emibi yokuguquguquka kwesimo sezulu.
“Sesinazo izinhlelo zokufundisa izakhamizi ngokuqikelela ukugwenywa kwezimo zokucekela phansi imvelo okuholela ekuguqukeni kwesimo sezulu. Sibambisene noMnyango weZimo eziPhuthumayo (ngaphansi komasipala abehlukene) sesiqalile ukufaka abafana bezulu (lighning conductors), ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho kuyaye kuhlasele khona kakhulu ukuduma kwezulu okunamandla okuholela ekushayweni kwabantu ngumphezulu,” kuqhuba uButhelezi.
Uthe njengesifundazwe bazibophezele ekuqikeleleni ukuthi amadolobha amakhulu esifundazwe awacekelwa phansi imimoya enamandla nezimvula ukuze ahlale egcinekile ngoba yiwona aqashe iningi labantu ikakhulukazi intsha.
“Sihlose ukuqinisekisa ukuthi konke lokhu sikwenza ngokuzibophezela ukuthi silandela i-Municipal Intergrated Development Plans (IDPs), ezosisiza ekunciphiseni ukuguquguquka kwesimo sezulu. Siqikelele nokuthi omasipala basemakhaya bayabhekana nalezi zinselelo ezidala lesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu.”
Uphethe ngokunxusa abantu ukuthi ziqinisekise ukubambisana ekongeni amanzi, kungalahlwa udoti noma kuphi ukuze kugwenywe lesi simo sokucekeleka phansi kwemvelo.