KUNGENKATHI bekunokhukhulela ngoqo womkhuleko esiFundeni Amajuba.
INKINGA yezidakamizwa, izingozi zomgwaqo, inkinga yobugebengu zingezinye zezinto okukhulekwe ukuba uNkulunkulu angenelele kuzona kwindumezuluyenkonzo yokuvula unyaka ebihlelwe uMasipala waSifunda Amajuba. Kuvelile ukuthi isiteshi somsakazo iNewcastle Communinty Radio (NCR), kanye nezinhlangano zezenkolo ezahlukahlukene bezihambele lendumezulu yenkonzo ebisehholo lomphakathi Osizweni, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngelendlule.“Le nkonzo ibihlanganise amabandla ahlukene akusona lesi Sifunda, Amakhosikanye nabelaphi beNdabuko, “kusho isitatimende esithunyelwe abezokuxhumana kulomkhandlu osubalulwe ngenhla. IMeya kaMasipala, uMntwana Ndabuko Zulu ithe inhlosongqangi yale nkonzo wukukhulekela izinto ezahlukene eziyizinkinga ezibhekene neSifunda, Amajuba.Uthe njengomasipala bayazi ukuthi ukuhlakanipha kwabo akuphelele uma uMvelinqangi engekho phakathi kwabo njengabaHoli besifunda.“NjengoMkhandlu sikubeka phambili ukuholwa yilaba abasondelene noMdali. Lo mkhuleko ubaluleleke kakhulu njengoba iNingizimu Afrika yonke isesikhathini esibaluleke kangaka sokhetho luka 2024. Ngokuhamba ezinyathelweni zikaMntwana wakwaPhindangene owayencike kakhulu emthandazweni ukuze akwaziukuhola isizwe ngobuqotho, “ kusho uMntwana Zulu.UMeya uMntwana Zulu ukugcizelele ukuthi njengomasipala bayakwazisa kakhulu ukubaluleka kokuba nobudlelwane obuqinile nobuhle nabamabandla ehlukene aseMajuba.UMfundisi T. Zwane, ongumengameli wenhlangano Amajuba Ministry Christian Council, uthe kuyathokozisa ukuhlangana kwalolu hlobo lapho bezokhulekela ubumbano, ukuthula kanye nobuhlakani kubona bonke abaholi besifunda.Le nkonzo iphinde yasebenza ukubungaza iminyaka engamashumi amabili kwasungulwa umsakazo i-NCR, okungumsakazo womphakathi wakuyona lendawo. UNkk. Marcia Evans, ongumphathi siteshi, udlulise ukubonga okukhulu ngokusebenzisana okuhle phakathi kwabo njengomsakazo nomasipala weSifunda.