UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, uthathe ithuba lokubonga nokwamukela abafundi nothisha emva kwamaholidi entwasahlobo! UNgqongqoshe Nksz Frazer uthe kunothisha abayinqwaba kanye nabafundi abangazange baphumule ngoba bebenezinkambu zokufunda (camps), ngenhloso yokubalekelela ukuthi baphase ngamalengiso. Lokwamukelwa kwabafundi kuza nje kanti nesikhathi sokubhala izivivinyo zabo zokugcina zesisondele. Uthe uthatha leli thuba ukuba abahalalisele ngoba sebebheke ekubhalweni kwezivivinyo zokuphela konyaka. Uthe lokhu ukwenza ngoba engafuni futhi ukuthi bazithole sebeba nezigulo. Uthatha leli thuba ukuba abafisele konke abazifisela kona nokuthi abantwana bazenzele esabo isikhathi sokufunda (time table), ukuze bakwazi ukufunda ngendlela bezophumelela ekupheleni konyaka. Wemukela nje labafundi namathishela ngoba iningi labo belikulezinhlelo zokufunda futhi bafunde babukeze esebakufunda maphakathi nonyaka. Uphinde wahambisa ibhukwana ezikoleni elizolekelela abafundi ukuba bafunde kahle (study guide),. Leli bhukwana liyabacushisa ukuthi bafunde kanjani noma libenzela lula ukuthi baqonde ngabakufundayo, liphinde libacije ukuthi bafunde kanjani ngokulekelelwa yilo, ukuze bezokwenza ngcono kakhulu ezivivinyweni zabo. Uqhube wathi ucela ukuthi uNkulunkulu abagcine abahlenge ezingozini zomgwaqo nezomphefumulo bangabi nokugula ngoba bebheke kuzivivinyo zokuphela konyaka. Uthe ababekezele okukugcina bangabe besabheka emuva , bafunde ngokukhulu ukuzimisela , bazophumula uma beqeda izivivinyo zabo zokugcina. “ “Ukubekezela nokuzimisela kuzuza umvuzo omuhle,” esho.