INQALASIZINDA ethulwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu.
KUNESISHO esithi amanzi ayimpilo kanti nokuthuthwa kwendle kuyimpilo futhi kubuyisa isithunzi kubantu! Lokhu kufakazelwe ngukuthi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ebone kufanele ukuthi agubhe iviki lamanzi phecelezi “ National Water Week”, ngokuthi athule isikimu esidle izigidi eMacambini (handover multimillion tand eMacambini Water Scheme) ukuthulwa kwenqalasizinda yezenhlanzeko ehambisana namanzi (neGroutville sanitation) kanye namanye amaprojekti ezentuthuko, ngelendlule.Kuvelile ukuthi izolo mhlaka 19 March 2024, ungqongqoshe osebalulwe ngenhla uqale ngokwethula i-Sanitation scheme e- Groutville , ezahambisa amanzi kulendawo iphinde isize nasekuhanjisweni kwendle emizini ewu1-000, engaphansi kwalomasipala. Kuphinde kwavela ukuthi uthe uma esuka wabe eseya eMacambini eyothula, i-eMacambini water scheme, nayo ezosiza ukuphakela izakhamuzi ezining zakulezindawo ezilandelayo eMacambini, eNdondakusuka, kwaMangethe kanye naseMhlubulweni.“ Lamaprojekti asethuliwe kuhloswe ngawo ukukhombisa abantu ukuthi sekuphunyiwe esikhathini sobandlulile lapha ababencishwe khona zonke lezinqalasizinda,” kusho uNgqongqoshe Sithole-Moloi, esitatimendeni. Uthe lokhu kwakufana nephupho ezakhamizini zasemakhaya ngesikhathi sobandlululo kodwa manje kuyenzeka. Kuphinde kwavela ukuthi uNgoqongqoshe Sithole-Moloi , uphinde wathula ihholo lomphakathi eWadi 13 (handed over Community Hall in ward 1) kanye ne Communal Swimming Pool , eMandeni. Uthe ngaphandle kokwethulwa kwalenqalasizinda lokhu kuzophinde kusize kakhulu ekuthuthukusweni kwezomnotho kosomabhizinisi abasafufusa kuphinde kudale namathuba emisebenzi, kwizakhamuzi ezakhele lezindawo esezibalulwe ngenhla. “ Ukwethulwa kwalenqalasizinda kwenziwe ngaphansi kohlelo nekhwama esibizwa ngokuthi i-Municipal Infrastructure Grant, ebhekelele izidingo zabantu ikakhulukazi ebhekelele ukuhanjiswa kwenqalasizinda yamanzi kwizakhamuzi,” kusho yena. Uqhube wathi lolu hlelo luzobakhona kuzo zonke izifunda zaKwazulu-Natal, ukuze zihlinzekwe ngamanzi ahlanzekile. Uthe lesikimu sikhiqiza 30 000 megalitres ngosuku kanti umnyango ubeke eceleni imali ewu-R500million, ngaleprojekti. Uthe sithathe ithuba lokuthi kunomfula Uthukela River, oklaya esifundazweni sonke , sabe sesithatha amanzi ahamba khona. “ Sihlose ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi ezakhe emandeni ziyawathola amanzi ahlanzekile,” esho. Uthe njengohulumeni okhathelele abantu siyazi ukuthi ukuhanjiswa nokulethwa kwamanzi kumele sikubeke eqhulwini. Uphinde wakhuthaza bonke omasipala ukuba imali i-Municipal Infrastructure Grant ukuba bayisebenzise ngendlela futhi baqinisekise ukuthi zonke izakhamuzi ezakhele omasipala zinawo amanzi ahlanzekile, angina umuzi nomuzi. Uthe sakha izikhimu eziningi sibambisane nezinye izinhlaka zikahulumeni. Uqhube wathi kuzokhumbuleka ukuthi inyanga kaMarch akusiyo eyokugubha iviki lamanzi kuphela kdwa iphinde ibe inyanga yokugubha amalungelo abantu (Human Rights Month), kanti usuku lwamalungelo lugujwa mhlaka 21 March minyaka yonke, yingakho bebone kubalulekile ukuthi bahambise izidingo kubantu kuyo lenyanga yamalungelo.“ Kunohlelo olunye oluzayo olubizwa ngoPhase D , okumele luqedwe kuwo lonyaka ophezulu,” elanda. Uqhube wathi lokhu kuhloswe ngakho ukukhulisa isibalo sabantu abazohlomula ngalenqalasizinda, kanti sikhuluma nje kudaleke amathuba omsebenzi awu-200 ngenkathi kwakhiwa lenqalasizinda. Uqhube wathi bangaphezulu kwabawu-20 osnkontileka abasafufusa abahlomulile ngenkathi kwakhiwa lenqalasizinda (Over 20 Small Medium-Micro enterprises ). UNgqongqoshe uphinde wandlulela eGroutville lapho ethule khona iSanitation Scheme ezodla imali ewu-R38 million (R38 million Groutville Sanitation Scheme) lapho kuzohlomula khona imizi ewu-900. Uphinde wathi lokhu kuzophinda kuhlomulise izikole, osomabhizinisi , imizi ebisebenzisa amathoyilethi omgodi. Kuyabonakala ukuthi izindawo ziya ngokukhula ngoba imizi nezakhiwo ziyanda ngokukhulu ukubhebhetheka, manje lenqalasizinda ekhona kumanje ngeke imelane nomthamo wabantu ngoba nemizi namabhizinisi anda. UGqongqoshe uphethe ngokunikelele ngokusemthethweni i_Sundumbili Swimming Pool kanye neCommunity Hall.