KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa abane abasolwa ngokuba ngonqondonqondo ekudunweni kwezimoto zemali eThekwini. Kuvelile ukuthi mhlaka 6 October 2023 , ekuseni, amaphoyisa oPhiko loKlebe ( HAWKS), Kanye nezinhlaka zamaphoyisa, alandele umkhondo wabasolwa ngokuduna imoto yemali kwaMashu ngesonto elendlule, abe esegasela emzini thizeni osemgwaqeni u-Queen Nandi Drive Kanye Nosikhindi, KwaMashu, lapho kukholakala ukuthi abasolwa bacasha khona uma beqeda ukubamba inkunzi kuhlonyiwe. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrig Jay Naicker, amaphoyisa alezinhlaka ezahlukene agasele kulomuzi osubalulwe ngenhla abasolwa abane abasale khona enkundleni yesigameko. “Kulabasolwa abasale enkundleni ababili bakhona abase-Limpopo kanti abanye abakhona esiFundazweni saKwaZulu-Natal,”esho. Uthe emva kokusesha endlini abacasha kuyo abasolwa abasale enkundleni emva kokudubulana namaphoyisa kutholakale isibhamu sohlobo lwe-AK47, R5 kanye lapho athe uma efika khona, azisho ukuthi angamaphoyisa. Uthe abasolwa baqala badubule bebhekise emaphoyiseni, lokhu okwenze amaphoyisa angabi nelinye icebo, nawo abe esephendula ngezulu lezandla. Uqhube wathi emva kokuphendulana nabasolwa ngezulu lezandla, kudubuleke nezibhamu ezimbili ezincane, Kanye nezinhlamvu zezibhamu zezinhlobo ezahlukahlukene. Kuphinde kwatholakala neziqhumane ezinhlobonhlobo ezisetshenziswa ukugqumisa imishini yemali Kanye nezimoto ezithwala imali, izinombolo zezimototo (number plates), ezinye zazo ezase-Limpopo, amasiginali okumisa ukusebenza kwezobuchwepheshe (jamming signal devices). “Amaphoyisa asaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa ngabo lobugebengu bokuduna izimoto zemali kuphinde kuqhunyiswe imishini efaka imali,”kusho yena, ephetha ngokuthi oKlebe abajutshwe ukuthi baqhubeke naloluphenyo oluzosiza ekuboshweni kwalaba abanye abasolwa abasagcwele amathafa. Uphenyo luyaqhubeka.