UGWETSHWE iminyaka ewu-8 ebhadla ejele uSizwe Maphisa oneminyaka ewu-35, emva kokuba
elahlwe icala Inkantolo yesiFunda i-Dundee, ngecala lokuthumba kanye
nokunukubeza ngokocansi owesifazane owabe eneminyaka ewu-27 ngonyaka u-2022,
Kuvelile enkantolo ukuthi uMaphisa waya kwaSitholo (Stratford Farm), lapho afike wathumba lona
wesifazane ngoMay 2022, esekhaya lakuba ngezintuba zasekuseni. Kuphinde kwavela
ukuthi umgilwa wabe elele ngenkathi ezwa izigi, okwathi esalalele lokho wezwa
kukhahlelwa umnyango, wabe esengena egulukudela uMaphisa , wadonsa ngenkani ,
waya naye ngasemfuleni, lapho afike wamkhumula khona izingubo zakhe zokulala
igawuni. “ Ngenkathi esebhizi enza lokho kwaqhamuka imoto ikhanyisa, indlula
endaweni yesigameko, wabe esekwazi ukubaleka umgilwa,” kuveza inkantolo. Kodwa isigilamkhub
a esinguMaphisa samajaha ngenkathi besalwa umgilwa wakwazi ukumkhumula isigqoko
esifihla ubuso wabe esekhona ukubona ukuthi ngubani lesigilamkhuba.
Lesigilamkhuba sabe sesiboshwa maduzane. Umphenyi wecala kwaba ngu-Det-Sgt
Michael Zwane weDundee Family violence, Child protection and Sexual offences
unit (FCS), owakhona ukuphenya lelicala ngobukhulu ubuchule ngoba eze
wagwetshwa uMaphisa, iminyaka ewu-8 ebhadla ejele. Ukhomishana wamaphoyisa
kusiFunda Umzinyathi uMaj-Gen, Francis Slambert usishayele ihlombe lesigwebo,
wathi bonke laba ababhekise udlame kwabesifazane kanye nezingane bazosuswa
unomphela emiphakathini. Uphethe ngokuthi bafisa ukuqinisekisa ukuthi
abesifazane nezingane baphephile.