ubugwegwe. Uthe akakwazi ukuba umdlali aphinde abe ngunompempe kuloludaba. Uthe ukuxoshwa kukaSomlomo kumlimaze kakhulu emholweni wakhe. Uthe uMnu UMEYA woMkhandlu uMzinyathi uMhlonishwa Petros Mthandeni Ngubane usishayele ihlombe isinqumo seNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu yokuhlehlisa isinqumo sokuxoshwa kwamakhansela ayisishiyagalombili! Ijaji leNkantolo u-PC Bezuinhout ukuthole kungekho semthethweni ukuxoshwa kwalamakhansela ase-Umvoti ayisishiyagalombili kuhlanganiswa noSomlomo wakhona ophinde abambe iqhaza eMkhandlwini waseMzinyathi ngoba uyahlala nakuwo. Enza izethulo uthe uMeya wase –Umvoti uMhlonishwa Philani Mavundla wathatha isinqumo esingaphusile ngoba lamakhansela awaxosha wawaxosha ngaphambi kokuba enze izethulo zawo zokuthi kungani kumele angaxoshwa. Kuvelile ukuthi uSomlomo waloMasipala wase-Umvoti uxoshwa nje ngoba bekusolakala ukuthi ubesephuthe izinsuku ezintathu engekho emhlanganweni , walomasipala. Ijaji liphinde lagxeka lesinqumo ngokuthi bekungesona esiphuthumayo futhi besinezinhlese zakhe uMeya uMavundla. Kuvelile ezethulweni zejaji ukuthi uMhlonishwa Mavundla kwakungamele athathe lesinqumo ngoba uphinde ahlale kuso isigungu esithathela amakhansela izinqumo, izinyathelo, ngokuziphatha kwawo, phecelezi usekomitini eliqondisa Mavundla akakwazi ukuba ummangali aphinde abe yingxenye yabashushusi kulelicala, lento ayikaze yenzeke ngisho kwamadala eJudeni. Uthe lolu daba lwacutshungulwa lapho kushaywa khona imithethomgomo kuphinde kulandelwe imibandela yokuziphatha kwamakhansela. UMnu Kathede emhlanganweni wango-mhlaka 4 September 2023, wakhipha izincomo noma weluleka leli komiti ukuba liphenye mayelana nalezinsolo, kuphinde kwenziwe inhlolokhono ukuze kufinyelelwe esixazululweni ngalolu daba, futhi lwaluzonganyelwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neZindaba zoMdabu (COGTA). “Isinqumo sokuxoshwa kwekhansela mhlaka 18 September 2023, senziwa ngaphandle kokulinika ithuba lokuziphendulela. Kuphinde kwavela ukuthi uMnu Mavundla watshela uMenenja ukuba akakhangise ngalezikhala zamakhansela axoshwa ngaphambi kokuzwa uvo lwawo, ukuze kuzosheshiswa kube nokhetho lokuchibiyela. Uthe lokhu kwakuphambene nomthetho u-Section 27 (e) obizwa ngo Local Government Structures Act, ukukhangisa ngezikhala zamakhansela axoshwa enganikwanga ithuba lokuziphendulela, ebhekise kukhansela Makhaye. Umgilwa wazi mhlaka 19 September 2023 , ukuthi uxoshwe mhlaka 18 September ngenyanga endlule, wabe esexhumana nabameli bakhe mhlaka 23 September, ababe sebefaka amaphepha afanele. UMhlonishwa Mavundla kuvelile ukuthi wayebuye afake ingcindezi nakwa-IEC, ukuba baveze ukuthi kunesikhala bese kuba nokhetho oluphuthumayo lokuchibiyela. Incwadi yokukhangisa isikhala esivulekile ngokuxoshwa kwekhansela sathunyelwa mhlaka 26 September kwa-IEC , nguMenenja, enxusa ukuba akube nokhetho lokuchibiyela. UMnu Pammenter SC naye kupharagrafu 35.15, ukuvezile ukuthi ukujaha ukhetho lokuchibiyela kwakungabalulekile neze, ngoba namaqembu ezepolitiki azange ayingene lento. Uqhubekile wathi lento ayivele ikhishwe ohlwini lwamacala ngoba ayinasisekelo, futhi kumele futhi umenzi walokhu kumele akhokhe. Kolunye uhlangothi uMoodley SC naye wakubona kunephupha encwadini eyayibhalwe mhlaka 20 September 2023, ngoba yayithi akuxoshwe amakhansela angu-9, ngoba kwakumele ithi akuxoshwe amakhansela angu-8, lokhu akuthathe ngendlela engeyinhle yezokuxhumana. Uqhube wathi abe-IEC ukuba bakulalela noma bakwenza lokhu kukhangisa nokubamba ukhetho lokuchibiyela kwakuyobe kungukumosha imali yabakhokhi bentela, okungenasidingo. Lokhu ukuthathe njengento ebingabalulekile neze neze. UMhlonishwa Ngubane uthe ukunqoba kwabo babonga kakhulu uMntwana waKwaPhindangene, naseNdlunkulu, ongumsunguli weqembu Lenkatha. Uphethe ngokungcoma kakhulu abammeli babo ngokusingatha lolu daba ngobukhulu ubuyonincwa.