UMHLANGANO wanamuhla ububaluleke kakhulu. Lamazwi ashiwo ngoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, emva kokuba nomhlangano kanye ne eThekwini Ratepayers Movement (ERPM). Uqhube wathi lulomhlangano lenhlangano ikhale ngokuthi incwadi yabo yezikhalazo ibishaywa indiva. Uphinde wathi uzosebenzisana neMeya yeTheku uMnu Cyril Xaba ukuze kuqhanyukwe nesixazululo. Uphinde wathi izikhalazo zabakhokhi bentela uzozithathela, “ Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi izikhalazo zabakhokhi bentela ziyafezeka futhi kwakhekha nobudlelwano obuhle nomasipala weTheku. Lokhu kulandelwa ukuthi lenhlangano ibiveza izinselelo ezibhekene nabahlali nomasipala weTheku. Kuvelile ukuthi lenhlangano esibalulwe ngenhla imele izakhamuzi eziwu-57 000, kanti futhi izibophezele ekusebenzisaneni nomasipala kanti futhi bafisa ukuba nomasipala azilalele izikhalazo zabakhokhi bentela. Lokhu kuvele ngenkathi bekunomhlangano ePinetown, lapho i-ERPM iveze izikhalazo zayo okubalwa kuzo amanzi awu-6kl abathenjiswa wona , ukungabi bikho kohlelo lokukweleka imali (billing irregularities), okungahambi ngendlela futhi okunamaphutha kanye nokungalethwa izidingo emphakathini. Isitatimende esithunyelwe ihhovisi likangqongqoshe. “Ngiyakuqonda ukukhathazeka kwabahlai kanti futhi ngiyazibophezela ekusebenzisaneni ne-ERPM kanye neTheku , ukuze kuqanyukwe nezixazululo. Uphinde wanxusa ukuthi lezinxoxo eseziqalile zithele izithelo ezinhle ukuze kusizakale umphakathi. Uqhube wathi ngizimisele ukuthi ngisebenzisane nazo zonke izinhlaka ezikhona nezingaphansi kohulumeni wasekhaya , ukuze siphucule izimpilo zabantu. Uphethe ngokuthi sizoba nawo omunye umhlangano lapho sizoqinisekisa ukuthi siqhamuka nezixazululo.