ISILO samaZulu,uMisuzulu kaZwelithini osinde engozini yemoto
ISILO samaZulu, uMisuzulu KaZwelithini, usinde ngokulambisa ngemva kokuba izimoto ezimphelezelayo zimbandakanyeke engozini yomgwaqo eyenzeke kuR34, eVryheid, ngoLwesibili ebusuku.
UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe ubike ukuthi usifonele iSilo ngemuva kwengozi samtshela ukuthi siphile saka, asilimalanga ngenkathi lezi zimoto zimbandakanyeka kule ngozi.
“Izimoto zishayisane emgwaqeni uR34, khona eVryheid. Egameni likaNdlunkulu ngithanda ukuqinisekisa ukuthi iSilo siphilile futhi asilimalanga kule ngozi, ngoba kubenengozi engatheni,” kusho uButhelezi, okugcizelele ukuthi iNdlulamithi uMisizulu iyaqhubeka nomsebenzi wayo ojwayelekile wansuku zonke.
Uthe iSilo siqhubekile nomsebenzi waso ngokulekelela kuvulwa ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo eVryheid ngemva kwengozi. Waphetha ngokuthi amaphoyisa amaphoyisa azokwenza uphenyo lwawo ukuze kutholakale imbangela yengozi.