NJENGOBA inyanga kaNovemba yaziwa nge-National Responsible Gambling Awareness Month, abesikhondlakhondla senkampani yezokugembula kuleli, i-Hollywoodbets, banezinhlelo zokushumayela ivangeli lokuqwashisa abantu ngokugembula ngobuqotho nokuzicabangela.
Okhulumela i-Hollywoodbets, uKuhle Mkize, uthe njengenhlangano yezokugembula bafuna ukubona abagembuli begembula ngokuzinakekela nokuthi bathathe izinqumo eziphusile ekugembuleni kwabo.
“I-Hollywoodbets neHollywood Foundation bahlose ukuthi baqhakambise isikompilo lokugembula ngobuqotho, nokweseka labo abagembulayo ngoba le mali etholakala ekugembuleni ithuthukisa izimpilo.
Kule minyaka emibili esikuyo inhlangano yezokugembula, i-South African Responsible Gambling Foundation (SARGF) iyakuqinisekisa ukuthi abantu bagembula ngobuqotho futhi bayaqinisekisa ukuthi lokhu kuyaqhubeka.
Futhi le nhlangano yokugembula iyakuqinisekisa ukuthi abavunyelwe ukugembula abangaphansi kweminyaka engu-18 ubudala,” kusho uMkize.
UVuyisile Ngobese ongumxhumanisi kwi Hollywood Foundation uthi le inhlangano iyakuqinisekisa ukuthi abantu bagembula ngobuqotho njengoba abaningi bagembula ngoba bebhekene nezinselelo ezahlukene zempilo.
Uthi ngokubambisana noMnyango wezeMfundo isisize izikole ezingu-70 kuzo zonke izifundazwe zakuleli laseNingizimu Afrika, yafinyelela kothisha abangu-2000 nabafundi abangu-75 000.
“Sizibophezele ekutheni seluleke labo abangasakwazi ukuphila ngaphandle kokugembula. Lokhu sikwenza mahhala, futhi siyabafundisa ukuthi bazi ukuthi sifika nini isikhathi sokuthi bame noma bayeke ukugembula.
Siba nabeluleki ababili ababhekelele ukwaluleka abantu uma benezinkinga zokungakwazi ukuyeka ukugembula uma sekufanele bayeke.
Njengenhlangano siyaziqhenya futhi sizoxhasa ngesamba semali engu-R500 000 emfundweni yezingane nasekuqwashisweni kokugembula ngokuzinakekela.
Sesizoba nabantu abahlanu esifake imali yokuthi baqhube uhlelo lokwaluleka abantu, ikakhulukazi labo ababhekene nezinselelo zokugembula ngokungazinakeleli izimali zabo.
Laba belulelki bazohlala betholakala njalo ukuze beluleke abantu ngobuchule. Lolu sizo luzobe luhambisana nokuthi umuntu athunyelwe kwenye indawo yokwelulekwa ngokugembula ngokwethembeka nokuzibheka.
Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuqwashi abasebancane ukuthi bangabi zigqila zokugembula, futhi lolu lwazi luzobasiza ukubakhulisa nokubasiza ukuthi bangabi yizisulu zokugembula,” kusho uSibongile Simelane-Quntana, oyi sikhulu se-SARGF.