KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka engu-32 nengu-49, emva kokuba betholakele nenyama yenkomo yokwebiwa! Laba basolwa baboshwa emva kokuba amaphoyisa aseDundee aweRural Safety, Dundee, Helpmekaar farmers. iGlencoe K9 , i-R33 Dundee Pomeroy enze izivimbamgwaqo emigwaqeni Lamaphoyisa athole umbiko wokuthi kunabantu ababili abebehamba ngemoto ilibangise eDundee igqamuka eHelpmekaar. Okhulumela amaphoyisa asesiFundeni Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana, uthe bathe uma beyisesha lemoto enabasolwa ababili bathola inyama yenkomo, isikhumba sayo Kanye nemimese emithathu okusolakala ukuthi iyona ebisetshenziswa ngenkathi bekuhlinzwa lezinkomo. Uphethe ngokthi bobabili abasolwa bavalelwe ezitokisini zaseDundee kanti bazovela maduzane eNkantolo kaMantshi waseDundee , bebhekene namacala okutholakala nenyama yenkomo yokwebiwa