ZISALE zinje izindawo ezikhahlamezwe zimvula ezinamandla
UHULUMENI waKwaZulu-Natal uhambela izindawo ebezihlaselwe izimvula ezinamandla, umoya kanye nezikhukhula esifundazweni , lapho kukhona abantu abasale dengwane kuphephuka izindlu. Kuvelile ukuthi lezikhukhula zicekele phansi inqalasizinda , izindlu , imigwaqo kanye namapali kagesi , okwenze abaningi basala bengenaphahla nambani. Kuphinde kwavela ukuthi abantu abahlanu balahlekelwe zimpilo zabo eThekwini Metro ngenxa yazo lezimvula ezinamandla ,ebezihambisana nemimoya kanye nokuduma. “ Lokhu kwenze kwenza umonakalo omkhulu ngoba kuwe izindlu , kwasiphuka izihlahla kwaphinde kwawa namapoli kagesi ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla, ebizisesigabeni sesine (level 4). Kuphinde kwavela ukuthi abe-South African Weather Services , bebevele beqagulile ukuthi lezimvula zizohlasela kakhulu ezindaweni ezisogwini (SouTh Coast). Ngenkathi zih;asela lezimvula kusuphuke amapali kagesi, kwasiphuka izihlahla, kwalimala imigwaqo kanye nenye inqalasizinda.,” kusho okhulumnela uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnu Siboniso Mngadi. Uthe indawo engaphansi kukamasipala weTheku i-Thongathi iyona okubikwe ukuthi ikhahlamezeke kakhulu, okugcine kucime ngisho umbani ngenxa yokukhahlamezeka osekubalulwe ngenhla kokulimala nokucekeleka phansi kwenqalasizinda.
“ Ngaphandle kwezindawo ezakhele i-Durban kunezindawo ezakhele Umgababa, Durban Central, kanye nezisentshonalanga yetheku nazo ezikhahlamezekile kakhulu,” esho. Uqhube wathi imimoya enamandla nezimvula zibiliwe ukuthi zikhah;lameze izindawo ezingaphansi komasipala abalandelayo Amajuba District kanye no-Umzinyathi District, lapho izindlu zicekeleke phansi eNewcastle, Dannhauser, Nquthu, kanye nakwezinye izindawo ezakhele lamadolobha. Kuphinde kwavela ukuthi abezezinhlekelele babhizi bayobona umonakalo odalekile ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla kanti nabantu abakhahlazamekile sebethuthelwe ezindaweni zikahulumeni eziphephile. Uthe izindawo zikahulumeni ezifana namaholo sezenziwe izindawo zokukhosela nokufihla ikhanda emva kwalenhlekelele, kanti abezezinhlekelele babhizi nogandaganda basusa imfucuza, ukuze abatakuli bakwazi ukufinyelele kwizakhamuzi ezikhahlazamekile , ukuze zithole usizo olusheshayo. UNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-natal, uNksz Nomusa Dube-Ncube naye uzobe ehola ithimba likahulumeni behambela indawo yasoThongathi ukuze bayobheka umonakalo odalekile, uzobe ehambisana noNgqongqoshe Bongiwe Sithol-Moloi kanye neMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda.