UNGATHENGI impahla yokwebiwa! “Uma uthenga impahla yokwebiwa kuchaza ukuthi nawe uyinxenye yobugebengu futhi uyabeseka,” kusho isitatimende esiphuma emnyangweni wezokuxhumana emaphoyiseni aseNewcastle. Sithi izigebengu zihambe zigqekeza imizi yabantu zifike zintshontshe impahla bese ziyayithengisa, bese kuhlepheka izisulu zokwebelwa impahla. Baphinde baxwayisa kakhulu umphakathi ukuthi ungazithengi izimpahla zokwebiwa ngoba kuqhubezela ubugebengu phambili. “ Lezigilamkhuba kwesinye isikhathi zibulala abantu uma ziyogqekeza noma zibamba inkunzi , zifuna lokhu ezingakudayisa, bese kusala izingane zizi ntandane. Isexwayiso sithi ungashiyi isikhiye emnyango ngoba abantu bangasisikisa , bese bebuya ngezikhathi zantambama. Amaphoyisa aqhuba athi uma uthenge izimpahla ezintsha ezidulayo ,kumele uqinisekise ukuthi amapulasitiki akhona noma amakhalibhodi uyawalahla ngoba uma uhlobise ngawo , izigebengu zizobona ukuthi unampahla yini abangiyintshontsha beyoyidayisa. “ Ungaskhombisi ngempahla yakho esitaladini, umdayisi osemthethweni naye akumele akhombise ngehla emgwaqeni. Ungalokothi uthenge izimpahla ezibizayo ezifana, namaphefuyumi abizayo, izingubo, omakhalekhukhwini,CDs, DVDs, Cellphones kanye nokunye endalini kubantu abangenazo izincwadi zokudayisa lezo zimpahla.,ngoba okunye kwakho kungenzeka ukuba ngokomkokotelo. Ungashiyi izimpahla ezibizayo esihlalweni semoto, zibeke ebhuthini.,” esho. Aphethe ngokuthi ukugqoka ubucwebe kanye nokuphatha izinto ezibizayo ngesandla nakho kuyinkinga enkulu, kanti nokwamukela impahla yokwebiwa noma ukuyigcina kuyicala elinzima. Uma kukhona ombonayo ngathi uphethe izimpahla zokwebiwa noma uyazidayisa ungashayela kulezinombolo Crime Stop on 08600 10111.