KUBOSHWE umsolwa oneminyaka ewu-28, emva kokuba eshaye omunye esitaladini uVoortrekker, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi ummangali ubehamba nobhuti wakhe ngenkathi lomsolwa ebabuza ukuthi baphetheni wabe esebayalela ukuthi bahambe kodwa bona banqaba , wabe eseshaya oyedwa wabo. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti umsolwa uzovela eNkantolo kaMantshi wase Newcastle, ebhekene necala lokushaya umuntu ngenhloso. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Uhulumeni usekuqinisekisile ukuthi sebekhokhelwe abasiza ezikoleni abangu-124 000
UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo. Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke...