NJENGOBA bebheke okhethweni ngamehlo abamvu futhi kusabelwa ukuthi kungase kubekhona udlame esiFundazweni i-KwaZulu-Natal , okwenza kuphoqeleke ukuthi kutshalwe amaphoyisa awu-17 000, kulesifunda kusaqhubeka ukhetho. Kuphinde kwavela ukuthi nanxa amaphoyisa abejutshiwe abejutshelwe ukuthi azoqapha udlame obekusolakale ukuthi lungase lubheduke ngoba kunokhetho kodwa amaphoyisa akwazile ukuqapha udweshu aphinde abopha abasolwa abawu-9 595, ngayo lenyanga u-May. Kuvelile ukuthi laba basolwa baboshwe ngamacala ahlukahlukene okubalwa kuwo awu-145 okubulala, awu-3 124, athinta amacala ahlobene nokuthintana (contact crime), awu- 186 awokuzama ukubulala, 295 okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, okubalwa kuzo izibhamu eziyimijoja ntaba eziwu-11 (11 rifles), 11 shotguns, eziwu-12 zokuzikhandela. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCol Robert Netshiunda uthe kushaqw izinhlambu eziwu-2 496 , zezinhlobo zezibhamu ezahlukene.
Uthe uhlelo lwabo lokulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane nakho kuthele izithelo ezinhle ngoba amaphoyisa akhonile ukubopha abasolwa abawu-205 kwawokudlwengula, awu-12 owokuzama ukudlwengula, bese kuba awu-32 okuhlukumeza ngokocansi kanti futhi kuphindwe kwaboshwa abasolwa abawu-155, okususa udlame emakhaya phecelezi Domestic Violence. Uqhube wathi kuphindwe kwaboshwa abawu- 172, emva bevinjwe benza amacala okugqekeza kuhlonyiwe , kwaba awu-17, amaningi okubanjwa inkunzi ezindlini.
“ Kuboshwe abawu-1 480, ababoshelwe ukushaya abanye ngenhloso yokulimaza,” esho Uthe abawu-600 baboshelwe okushaya ngokujwayelekile kanti kuphindwe kwaboshwa nabawu-393 ngokutholakala nempahla yokwebiwa , kwaphinde kwaboshwa abawu-216 okugqekeza Uphethe ngokuthi abawu-49, baboshelwe ukwebiwa kwemfuyo kwathi abawu-338 baboshelwa ukushayela bephuzile, kwathi abawu 64, baboshelwa ukuthumba kanye nokudala uthuthuva emphakathini. Bonke labasolwa bazovela ezinkantolo ezahlukene esifundazweni.