KUBUKEKA ngazathi akubanga nazigameko ezithinta izingozi nokunye ngenkathi bekugujwa uMkhosi woMhlanga Enyokeni, kwaNongoma ngempelasonto. Kuze kube manje kusabikwe ukuthi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amatshitshi nosomehlo nezihambelizalomcimbi ziphephile kwahlolwa amaphasi awu-177 , ukuthi ngabe akulungele yini ukuhambisa amatshitshi kwatholakala ukuthi awu-146, akulungela awu-31 afeyila, azange esaphuma emadepho ukuyolayisha amatshitshi. Kuzokhumbuleka ukuthi sekuyiminyaka ewu-40 , wasungulwa kabusha ISilo esesakhothama uMdlokombane wabuyiswa lomcimbi wokuhlolwa kwezintombi bese ziyaviyilela emkhosini womhlanga, ogujwa minyaka yonke Enyokeni. Kuzokhumbuleka ukuthi lomcimbi uheha amatshitshi andlulile kwawu-25 000, bese uphinde uhehe namazwe angamakhelwane okubalwa kuwo oSwziland, Lesotho namanye kanye nezivakashi zaphesheya kwezilwandle ngenhloso yokubona ukuthi silenza kanjani isiko lethu. ISilo uMisuzulu kaZwelithini weluleke izintombi nto noma amatshitshi ngendlela yokuziphatha ngaphambi kokuba amatshitshi agoduke abuyele emakhaya. UNdunankulu wesiFundazwe uMnu Thami Ntuli uthe ematshitshini , zigcineni , ningazimbandakanyi ngezocansi nisebancane. Uthe qinisekisekani ukuthi aniyi ocansini ningakashadi ukuze nigweme ukukhulelwa nisebancane kanye nokutheleleleka ngezifo ezithathelananayo ezifana neHIV-AIDS. “ Kubalulekile ukuba nihlale nizigcinile , nina niyizimbali zezwe,” ephetha.