UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka uthe uthanda ukukhumbuza abafundi bakamatikuletsheni ukuthi sekusele izinsuku eziwu-38, ukuba babhale izivivinyo zabo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka. Uqhube wathi uyabanxusa abafundi bayeke konke okungase kubaphazamise ezifundweni zabo kodwa bafake umfutho wokugcina. “ Fakani umfutho wokugcina nifunde ngokukhulu ukuzimisela kunakuqala ngoba sekusele elzi zinsuku esezibalulwe ngenhla ukuze nifeze amaphupho enu okuphasa ngamalengiso,”esho. Uqhube wathi benifunda unyaka wonke manje sekumele nivune lokho enikutshalile , yingakho kumele niqinise ezifundweni zenu. Uphinde wanxusa nabazali ukuba banikeze abantwana isikhathi sokutadisha ukuza baphumelele ezifundweni zabo nasezivivinyweni zokuphela konyaka.