NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo uMnzu Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uyaqhubeka ngohlelo lokuvakashela izikole zakulesi sifundazwe ngenhloso yokuyohlola ukuthi zonke izinto zimi ngomumo futhi ukufunda nokufundisa kuqhubeka ngendlela.
Inhloso yokuhlola ukuthi izikole isimo sazo simi ngomumo ngoLwesihlanu uvakashele isikole i-Mariathal Combined School esingaphansi kwesifunda i-Harry Gwala, esiqala kuGrade R sifinyelele ku-matric ngenhloso yokuyobheka ukuthi izinsizakufunda ingabe sezikhona futhi nokufunda nokufundisa kuqhubeka ngendlela.
UHlomuka uthe izikhulu zikahulumeni kanye nomnyango wakhe zihambela izikole ngenhloso yokuyohlola ukuthi izinsizakufunda nokufunda nokufundiswa kuhamba ngendlela.
Ngenkathi uHlomuka evakashele lesi sikole i-Mariathal Combined School, ubehambisana noMqondisi wakulesiFunda wezeMfundo uNkk Bongiwe Ntombela kanye neMeya yoMasipala wesiFunda saseHarry Gwala, uMnuz Zamo Nxumalo.
“Ngijabule kakhulu ngokuvakashela kuka ngqongqoshe uHlomuka kulesiFunda i-Harry Gwala, njengoba thina kulesifunda sinesiqubulo esithi’ Sifuna ukuphasa ngo-100% , kanti futhi asibhekile amanye amaphesenti ekuphaseni kuka matric ngaphandle kwangu-100%,” kusho uNkk Ntombela.
UThishanhloko wakulesikole i-Mariathal Combined, uNksz TN Mncadi, ube esetshela ungqongqoshe ngasebekuzuzile kanye nenqubekela phambili yakulesi sikole kuyiwa phambili.
Uthe nanxa zikhona izingqinamba nezinselelo ababhekene nazo kodwa bafisa ukuthi abafundi baphase ngamalengiso.
UNxumalo yena ube esencoma kakhulu isigungu esilawula isikole, iSchool Governing Body (SGB), uthishanhloko, othisha , abazali nabafundi ngokuqinisekisa ukuthi bayabambisana ukuze kutholakale imiphumela emihle.