UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usekhiphe isexwayiso sezimvula ezinamandla kwezinye izingxenye zesifundazwe ezihambisana nokuduma kwezulu.
Esitatimendeni salo mnyango esikhishwe yizangoma zezulu zakwaSouth African Weather Services, kuvela ukuthi izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezululu zilindeleke ezindaweni ezakhele omasipala beziFunda okubalwa kuzo i-Zululand, uThukela, uMzinyathi, Amajuba, noMgungundlovu.
“Lezi zimvula ezinamandla kulindeleke ukuba zihambisane nemimoya enamandla, umbani kanye nesichotho,” kusho uNgqongqoshe uButhelezi esitatimendeni.
“Sinxusa izakhamizi ukuba ziphephe futhi ziphephise nemindeni yazo, ngoba lezi zimvula ziyingozi. Zinamandla, zingaholela ekucekelekeni phansi kwengqalasizinda, izimoto, izimpilo zabantu nemfuyo imbala. Okunye okungase kwenzeke ukuthi abantu bashaywe umbani ngenxa yalesi simo sezulu.”
Ngokusho kukaButhelezi, abantu kumele bakuqonde ukuthi ingqalasizinda ingacekeleka phansi ngenxa yombani, futhi kungagcine kuholele ekuhambeni kukagesi.
“Amathimba ezezinhlekelele asemi ngomumo ukuqapha isimo, kanti futhi nomphakathi kumele uhlale usiqaphile isimo, ikakhulukazi lowo ohlala ezindaweni eziphansi,” kuqhuba uButhelezi.
Naba omasipala okubikwa ukuthi bangakhahlanyezwe yilezi nzimvula: Abaqulusi, Alfred Duma (Indaka and Ladysmith), Dannhauser, eDumbe, eMadlangeni, eNdumeni, Impendle, Inkosi Langalibalele (Escourt and Sobabili), Mpofana (Giants Castle and Mooi River), Msinga, Newcastle, Nkandla, Nquthu, uKhahlamba, uMsunduzi, uLundi, uMngeni, uMshwathi, uMvoti kanye noPhongolo.
Esephetha uButhelezi, ube esexwayisa abashayeli ngokuthatha uhambo kungenasidingo futhi bangawaweli amabhuloho ngezimoto uma bengawaboni.