UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka kulindeleke ukuba ashaye ensimbi ezobe ibikezela ukuthi sekusele izinsuku ezingaphansi kweziwu-100, ziqale izivivinyo zokuphela konyaka zikamatikuletsheni. Kuvelile ukuthi ngoMgqibelo mhlaka 13 July 2024, bekusele izinsuku eziwu-100, kuqale izivivinyo zokuphela konyaka zikamatikuletsheni. Kupphinde kwavela ukuthi uNgqongqoshe uMnu Hlomuka uzovakashela isikole i-Little Flower Secondary , esiseXopo, lapho ezoqala khona ukubala futhi aphinde ashaye insimbi ethi sekusele izinsuku ezingaphansi kweziwu-100, ukuba kubhalwe izivivinyo zokuphela konyaka i-National Senior Certificate (NCS). Uthe esitatimendeni uzoqala ukubala ekulesikole ukuthi sezingaphansi kweziwu-100, kuqale lezivivinyo esezibalulwe ngenhla. “ Sekuyisikhathi sokuba abafuthi baqale bazicije , bazicijele ikusasa labo ngokuzilungiselela kulezivivinyo zabo, kanti futhi njengesiFunda sifuna ukukhuphula izinga lokuphasa,” esho. Ube esenxusa amalunga omphakathi kanye nabazali ukuba banike ithuba abantwana lokuba batadishe baphinde nabo babukeyeza amaphepha eminyaka endlule. Ungqongqoshe uzobe eyoqala ebala izinsuku ezisele mhlaka 16 July 2024
Indawo:Little Flower Secondary
Isikhathi:9H00